U-Isaya Isahluko 47
1
Yehla, uhlale othulini wena ntombi , ndodakazi yaseBabele , uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi , wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.
2
Thatha amatshe okugaya , ugaye impuphu , uyisuse imvakazi yakho , uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula.
3
Ubuze bakho buyakw ambulwa, yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala; ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.
4
Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.
5
Hlala uzithulele , ungene ebumnyameni , wena ndodakazi yamaKaledi , ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.
6
Ngabathukuthelela abantu bami , ngalingcolisa ifa lami , ngalinikela esandleni sakho ; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.
7
Wathi wena: Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo . Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.
8
Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo , ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: Yimi, akakho omunye ; angiyikuhlalisa okomfelokazi , nokufelwa abantwana angiyikukwazi.
9
Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuw e ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokaz i kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho , nobuningi beziphonso zakho.
10
Wethembile ebubini bakho , wathi: Akakho ongibonayo . Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakh o kukudukisile ; wathi enhliziyweni yakho : Yimi, akakho omunye.
11
Kepha ububi buyakukwehlela , awuyikwazi lapho buvela khona ; nengozi iyakuwela phezu kwakho , awuyikuba namandla okuyichezukisa , incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.
12
Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akh o okhandlekile kukho kwasebusheni bakho ; mhlawumbe uyakusizakala , mhlawumbe uyakubanga uvalo.
13
Ukhathele ngobuningi bamacebo akho ; mabasukume, bakusindise abadabula izulu , nababheka izinkanyezi , nabazisa ngezinyang a ezintsha ukuthi kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.
14
Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo , abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.
15
Ziyakuba njalo kuwe izinto okha ndleke kuzo , zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo , ekusindisayo ingabikho.