Skip to Content

U-Isaya Isahluko 48

1 Yizwa lokhu wena ndlu kaJakob e obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwa Juda, ofunga igama likaJehova , odumisa uNkulunkulu ka - Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa. 2 Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele , bencika kuNkulunkulu ka -Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe. 3 Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo , zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa; ngazenza ngokuzumayo, zenzeka. 4 Ngokuba bengazi ukuthi unenkani , nentamo yakho ingumsipha wensimbi , nebunzi lakho liyithusi, 5 ngazimemezela kwasendulo , ngazizwisa kungakenzeki, funa usho uthi : Isithombe sami sizenzile , isithombe sam i esibaziweyo , nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile. 6 Wawukuzwile konke lokho ; wakubona; awuyikukumemezela na ? Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla , yebo, nokusithekileyo ongakwazanga. 7 Kudaliwe manje , kungesendulo; awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku , funa uthi: Bheka, bengikwazi. 8 Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga , ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa , wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni. 9 Ngenxa yegama lam i ngiyakulibazisa intukuthelo yami , ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi. 10 Bheka, ngikucwengisisile, kungavelanga isiliva kodwa ; ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko. 11 Ngenxa yami , ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami. 12 Ngilalele, Jakobe, wena Israyeli , obiziweyo wami ; ngisenguye, ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina. 13 Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba , nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye. 14 Buthanani nina nonke , nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na ? Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele , nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi. 15 Mina, mina ngikhulumile , yebo, ngimbizile, ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe. 16 Sondelani kimi , nizwe lokhu ; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke , ngangikhona. Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe. 17 Usho kanje uJehova uMhlengi wakho , oNgcwele ka -Israyeli, uthi: NginguJehova uNkulunkulu wak ho okufundisile okukusizayo , okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. 18 Sengathi nga ulalele imiyalo yami ! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle; 19 nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi , nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso ; igama lakhe nga linganqunywanga , lachithwa ngaphambi kwami. Isiyalezo sokuphuma eBabele 20 Phumani eBabele , nibalekele amaKaledi , nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu , nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe. 21 Kabomanga lapho ebahola emahlane , wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni; futhi waliqhekeza idwala, amanzi ampompoza. 22 Akukho ukuthula kwababi, usho uJehova.