U-Isaya Chapter 50
1
Usho kanje uJehova , uthi: Iphi incwadi yesahlukanis o engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuy e engithengisile ngani kuye na ? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu , unyoko walahlwa.
2
Ngalokho ekufikeni kwam i kwaba ngani ukuba kungabikho muntu , nasekubizeni kungabikho ophendulayo , na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na ? Noma angisenamandla okophula na ? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle , ngenze imifula ibe yihlane ; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.
3
Ngiyembathisa amazulu ubumnyama , ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo. Umsebenzi Wenceku
4
INkosi uJehova inginikile ulimi l wabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.
5
INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.
6
Nganika abashayi umhlane , nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu ; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.
7
Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza ; ngalokho angijabhanga , ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha.
8
Ongithethayo useduze ; ngubani ongamelana nami na ? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi.
9
Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza ; ngubani oyakungilahla na ? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu.
10
Ngubani phakat hi kwenu omesabayo uJehova ? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni , ethembile egameni likaJehova , noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.
11
Bhekani nina nonke eniphemba umlilo , enibhinca izikhuni , manihambe ekukhanyeni komlilo wen u naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo . Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvel a esandleni sami ; niyakulala phansi ngobuhlungu.