Skip to Content

U-Isaya Chapter 51

1 Ngilaleleni nina enilandela ukulunga , nina enimfunayo uJehova ; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo. 2 Bhekani ku -Abrahama uyihlo , nakuSara owanizalayo , ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa. 3 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni , aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe n jenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova ; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona , ukubonga nezwi lokuhlabelela. 4 Ngizweni, bantu bami , ningibekele indlebe nina sizwe sami , ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho , ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu. 5 Ukulunga kwami kuseduze , insindiso yami iphumile , izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami. 6 Phakamiselani amehlo enu ezulwini , niwubheke umhlaba phansi , ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakum a kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela. 7 Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo. 8 Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo , nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade , nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane. 9 Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkho no kaJehova , vuka njengasezinsukwini zasendulo , ezizukulwaneni zamandulo . Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako, na? 10 Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na? 11 Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya , bafike eSiyoni bejabula ; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo , bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke. 12 Yimina, yimi enginguye oniduduzayo ; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na? 13 Ukhohliwe uJehova uMenzi wakh o owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonk e ngokufutheka komcindezel i njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na? 14 Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa; kayikufa, kayikwehlela egodini, kayikuswela isinkwa sakhe. 15 NginguJehova uNkulunkulu wakh o ovusa ulwandle , ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe. 16 Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho , ngikusibekele emthunzini wesandla sami , ukuze ngiwatshale amazulu , ngisibeke isisekelo somhlaba , ngithi kulo iSiyoni: Wena uyisizwe sami. 17 Vuka, vuka, usukume wena Jerusalem a ophuzile esandleni sikaJehov a indebe yokufutheka kwakhe ; uphuzile isitsha se ndebe yokutengezela , wasiminya. 18 Akakho ongalihola phakathi kwawo onke amadodana eliwazalileyo. Akakho ongalibamba ngesandla kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo. 19 Lokhu kokubili kukwehlele ; ngubani okukhalelayo na ? Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa, ukulamba nenkemba, ngubani ongakududuza na? 20 Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehov a nokukhuza kukaNkulunkulu wakho. 21 Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo nodakiweyo, kungengewayini kodwa; 22 isho kanje iNkosi yakh o uJehova noNkulunkulu wakh o emela indaba yabantu, ithi: Bheka, ngiyithathile esandleni sakh o indebe yokutengezela ; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza. 23 Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo , abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi : Khothama, sidlule phezu kwakho ; wawusuwubeka umhlane wakho waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.