U-Isaya Chapter 57
1
Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni ; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,
2
angene ekuthuleni ; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.
3
Kepha sondelan i nina madodana abahlola imihlola , inzalo yomphingi neyesifebe.
4
Nidlala nobani , nikhamisela bani umlomo , ninyalizela bani , na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,
5
nina enisha phakathi kwama -oki phansi kwayo yonke imithi eluhlaza , enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?
6
Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini ; wona yiwo angawenkatho yakho ; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa , wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?
7
Entabeni ende nephakemey o uwubekile umbhede wakho ; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.
8
Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika , wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni , wawandisa, wavumelana nabo , wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo.
9
Waya kuMoloki uphethe amafutha , wawandisa amakha akho ; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.
10
Wakhathala ngobude bendlela , kepha awushongo ukuthi : Kuyize. Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.
11
Washaywa luvalo ngobani , wamesaba, waze waqamba am anga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho , na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?
12
Mina ngiyakumemezela ukulung a kwakho nemisebenzi yakho ; kepha akuyikukusiza.
13
Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikop hule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.
14
Kuyakuthiwa: Hlelani, hlelani, nilungise indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami. Ukuphiliswa kothobekileyo
15
Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu , ohlala kuze kube phakade , ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.
16
Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade , angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami , leyo miphefumulo engiyenzileyo.
17
Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.
18
Ngizibonile izindlela zakhe , ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,
19
ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi : Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze, usho uJehova; ngiyakumphilisa.
20
Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo , ngokuba alunakuphumula , namanzi alo akhipha udaka nobishi.
21
Akukho ukuthula kwababi, usho uNkulunkulu wami.