Skip to Content

U-Isaya Isahluko 58

1 Memeza ngezwi elikhulu , ungazibambi, uliphakamise izwi njen gecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo. 2 Nokho bangifuna izinsuku zonke , bathanda ukwazi izindlela zami ; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu. 3 Bathi: S izileleni ukudla , ungaboni, na? Sizihlupheleni izinhliziyo zethu , ungakwazi, na? Bhekani, ngosuku lokuzila kwen u niyaqhuba umsebenzi , nicindezele zonke izisebenzi zenu. 4 Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisan a nokushaya n genqindi yobubi . Anisazili namuhla ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu. 5 Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yin i nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe ; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha pha nsi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzil a nosuku olwamukelekayo kuJehova na? 6 Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka ; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na? 7 Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho , nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho , nokwembesa ohamba ze , lapho umbonayo , nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na? 8 Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa , nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho. 9 Khona wena uyakubiza , kusabele uJehova ; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. Uma ususa phakathi kwakho ijoka , nokukhomba ngomunwe , nokukhuluma okubi, 10 umnike olambileyo isi nkwa sakho , usuthise othotshisiweyo , khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini. 11 UJehova uyakukuhola njalo , asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho ; uyakuba njengensimu eniselwey o nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi. 12 Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala , ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo , ubizwe ngokuthi uMvalisikhal a noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona. 13 Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isa batha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo , nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo , uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize, 14 khona uyakuzijabulisa kuJehov a, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo , ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.