Skip to Content

U-Isaya Isahluko 59

1 Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa. 2 Kepha ububi ben u bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa. 3 Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi , neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi. 4 Akakho ome meza ngokulunga , akakho owahlulela ngeqiniso ; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi. 5 Bachamisela amaqanda ebululu , baluka ubulembu bolwembu ; odlayo amaqanda abo uyafa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu. 6 Ubulembu babo a buyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo. 7 Izinyawo zabo zigijimela ebubini , bashesha ukuchitha igazi elingenacala ; imicabango yabo iyimicabango yobubi ; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo. 8 Indlela yokuthula abayazi , nokwahlulela akukho emikhondweni yabo ; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula. 9 Ngalokho ukwahlulela kukude nathi , nokulunga akusifumani ; sihlalela ukukhanya, kepha bheka , ubumnyama; silindela imin i, kepha sihamba ekuhlweni. 10 Siphuthaza udonga njengempumputhe , yebo, siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini njengasekuhweleleni ; phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo. 11 Siyagwavuma sonke njengamabhere, siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi. 12 Ngokuba iziphambeko zeth u zandile phambi kwakho , nezono zethu ziyafakaza ngathi ; ngokuba iziphambeko zethu zikithi , nokona kwethu siyakwazi: 13 ukuphambuka nokumphika uJehova , nokumhlubuka uNkulunkulu wethu , nokukhuluma ukucindezela nokwambuka , nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni. 14 Ukwahlulela kubuyiselwa emuva , nokulunga kumi kude , ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena. 15 Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango ; uJehova wakubona lokho , kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho. 16 Wabona ukuthi akukho muntu , wamangala ukuthi wayengekho omelayo ; yayisimsindisa ingalo yakhe, nokulunga kwakhe kwamphasa. 17 Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha , wazembesa ukushisekela njengengubo. 18 Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo. 19 Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga , nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova. 20 Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi , nakulabo abakwaJakobe a babuya eziphambekweni, usho uJehova. 21 Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo, usho uJehova, sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho , nasemlonyeni wenzalo yakho , nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho, usho uJehova, kusukela manje kuze kube phakade.