Skip to Content

U-Isaya Isahluko 60

1 Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho. 2 Ngokuba bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba , nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho. 3 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho , namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho. 4 Phakamisa amehlo akho nxazonke , ubone; babuthana bonke, beza kuwe ; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo. 5 Khona uyakubona , ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma , yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe , nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe. 6 Ubuningi bamakamela buyakukusibekela , amakamela amasha akwaMidiyani nase -Efa; bonke abaseSheba bayakuza , balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova. 7 Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe , nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza , zikhuphukele e -altare lami ngokuthanda kwami, ngiyidumise indlu yodumo lwami. 8 Ngobani laba abandiza njengefu, nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na? 9 Iziqhingi ziyangihlalela , imikhumbi yaseTharishishi kuqala , ukuletha amadodana akho evela kude , enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa. 10 Abezizwe bayakuzakha izingange zakho , amakhosi abo akukhonze ; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, sengiyakuhawukela ngomusa wami. 11 Amasango akho ayakuvuleka njalo , awayikuvalwa imini nobusuku , ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe. 12 Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela ; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela. 13 Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe , umsayipuresi, nomthidari, nomkhoba kanyekanye , ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele , ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami. 14 Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile , nabo bonke abakudelelayo bayakukhotham a ngasematheni ezinyawo zakho , bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli. 15 Esikhundleni sokuba ushiywe , uzondwe, kungabe kusabakho muntu odabulayo, ngiyakwenza isivunulo esiphakad e nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane. 16 Uyakuncela ubisi lwezizwe , uncele namabele amakhosi ; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho , noMhlengi wakho , uMninimandla kaJakobe. 17 Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide , nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi , nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho , nokulunga kube ngababusi bakho. 18 Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho , nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho , kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso. 19 Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini , nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukh azimula ebusuku ; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho. 20 Ilanga lakho alisayikushona , nenyanga yakho ayisayikuncipha , ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe , nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela. 21 Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke , badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami , umsebenzi wezandla zami , ukuba ngidunyiswe. 22 Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.