U-Isaya Isahluko 6
1
Ngomnyaka wokufa kwenkosi u -Uziya ngabona uJehova eh lezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo , umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli.
2
Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi ; yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso , nangamabili lamboza izinyawo , nangamabili landiza.
3
Elinye lamemeza kwelinye , lathi: Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.
4
Izinsika zomnyango zathuthumela ngezwi lomemezayo , indlu yagcwala umusi.
5
Ngase ngithi: Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile , futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.
6
Kepha landizela kimi elinye lamaserafi liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-altare,
7
lathinta umlomo wami, lathi: Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.
8
Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi : Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na? Ngase ngithi: Bheka, nangu mina; ngithume mina.
9
Yathi: Hamba usho kulaba bantu ukuthi : Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi; bonani, bonani, kepha ningazi.
10
Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale , nezindlebe zabo zibe buthuntu, ufiphaze amehlo abo , funa babone ngamehlo abo , bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.
11
Ngase ngithi : Nkosi, koze kube nini na ? Yathi: Kuze kuchithwe imizi , kungabe kusaba khona ohlala kuyo , nezindlu zingabe zisaba namuntu , nomhlaba uchitheke ube yize,
12
uJehova aze adedisele kude abantu, nencithakalo ibe nkulu ezweni.
13
Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo , yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte ne-oki okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.