U-Isaya Chapter 7
1
Kwathi ezinsukwini zik a-Ahazi indodana kaJothamu ka -Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo , kepha babengenakulinqoba.
2
Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi : I-Aramu limise kwa -Efrayimi. Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
3
Kepha uJehova wathi ku -Isaya: Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,
4
usho kuye ukuthi : Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo , ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.
5
Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:
6
Masikhuphukele kwelakwaJuda , silikhathaze, sizinqobele lona , sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,
7
ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi: Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.
8
Ngokuba inhloko yase -Aramu iyiDamaseku , nenhloko yeDamaseku inguResini; phakathi kweminyaka engamashum i ayisithupha nanhlan u u- Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.
9
Inhloko yakwa -Efrayimi iyiSamariya , inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.
10
UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:
11
Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho , kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.
12
Kepha u-Ahazi wathi: Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.
13
Wayesethi: Ake uzwe wena n dlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?
14
Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso : bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
15
Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
16
Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle , izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
17
UJehova uyakuletha phezu kwakho , naphezu kwabantu bakho , naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u -Efrayimi asuka ngalo kwaJuda -- yinkosi yase-Asiriya.
18
Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni lase-Asiriya.
19
Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodi ni ezineziwa , nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.
20
Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula yinkosi yase -Asiriya ikhanda noboya bezinyawo , futhi iyakuqeda nesilevu.
21
Kuyakuthi ngalolo suku indoda yondle isithole nezimvu ezimbili,
22
bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga , ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.
23
Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezi nhlamvu eziyinkulungwane zesiliva , ibe ngeyamakhakhasi nameva.
24
Kuyakuyiwa khona nemicibisholo nomnsalo , ngokuba izwe lonke liyakuba ngamakhakhasi nameva.
25
Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva , kepha ziyakuba ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.