Skip to Content

U-Isaya Isahluko 8

1 UJehova wathi kimi : Zithathele isibhebhe esikhulu , ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi. 2 Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya. 3 Ngase ngiya kumprofethikazi ; wakhulelwa, wazala indodana . Wayesethi uJehova kimi: Biza igama layo ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi. 4 Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame , kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya. 5 UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: 6 Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane , bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya, 7 ngalokho bheka , iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi -- yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo -- ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo, 8 utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli. 9 Bhevani nina zizwe , niyakuphela amandla nokho ; bekani indlebe nina mazwe onke akude : zibhinceni, kepha niyakudangala , yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho. 10 Lulekanani nokululekana, kepha kuya kuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi. 11 Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla , wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi: 12 Ningasho ukuthi kuluzungu konk e abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu, ningesabi abakwesabayo, nibe novalo ngakho. 13 UJehova Sebawoti , mngcweliseni yena , kube nguye enimesabayo , yebo, kube nguye eninovalo ngaye. 14 Uyakuba ngokungcwele, futhi abe yitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli, abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema. 15 Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka , bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe. 16 Bopha ubufakazi, uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami. 17 Ngiyakumlindela uJehov a ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe , ngethembe kuye. 18 Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona , siyizibonakaliso nezimangaliso kwa -Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni. 19 Lapho bethi kini : Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze pho , abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini ? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na? 20 Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa. 21 Bayakudabula izwe bexinekile , belambile; kuyakuthi lapho belamba , bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu. 22 Bayakubheka nasemhlabeni ; bheka, nakho ukuhlupheka , nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.