U-Isaya Chapter 9
1
Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphek ayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali , isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.
2
Abantu abahamba ebumnyamen i babona ukukhanya okukhulu ; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.
3
Uyakwandisa isizwe , ukhulise intokozo yaso ; bathokoza phambi kwakh o njengokuthokoza ekuvuneni , njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.
4
Ngokuba ijoka lomthwalo wabo , nenduku yama hlombe abo , noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.
5
Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulw a nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo.
6
Ngokuba sizalelwa umntwana , siphiwa indodana ; umbuso uyakuba semahlombe akhe , negama lakhe liyakuthiw a uMluleki omangalisayo , uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
7
Umbuso uyakuba mkhulu , ukuthula kungabi nakuphel a esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe , ukuze u qiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga , kusukela manje kuze kube phakade . Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu. Intukuthelo kaNkulunkulu ngaku-Israyeli
8
INkosi ithume izwi kuJakobe, lehlela kwa-Israyeli.
9
Bonke abantu bayakwazi , u-Efrayimi nabakhe eSamariya , abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:
10
Izitini ziwile , kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo ; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari ezikhundleni zayo.
11
UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini, ahlomise abamelene nabo,
12
i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva , bamudle u -Israyeli ngomlomo okhamisiweyo ; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi , isandla sakhe siseluliwe.
13
Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehov a Sebawoti.
14
Ngalokho uJehova uyanquma kwa -Israyeli ikhanda nomsila , igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye.
15
Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.
16
Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa, nabaholwa yibo bayagwinywa.
17
Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo , ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula ; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
18
Ngokuba ububi bushisa njengomlilo , buqeda amakhakhasi nameva , buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.
19
Ngentukuthelo kaJehova Sebawot i izwe lishisiwe ; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.
20
Umuntu uyahlwitha ngakweso kunene, abe esalambile nokho , adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi; bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,
21
uManase u -Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi , isandla sakh e siseluliwe.