Skip to Content

U-Isaya Chapter 64

1 Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho 2 njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi , ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho. 3 Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla ; izintaba zathuthumela phambi kwakho. 4 Kusukela endulo abantu abezwanga , abacoshanga nangendlebe , futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo. 5 Wahlangabeza labo ababethokoza ng okwenza ukulunga , labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na? 6 Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga , nobubi bethu basisusa njengomoya. 7 Kwakungekho owalibiza igama lakho , owazivusela ukubambelela kuwe , ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu. 8 Kepha manje , Jehova, unguBaba; thina siyibumba , wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke. 9 Ungathukutheli kakhulu , Jehova, ungakhumbuli njalo ububi . Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho. 10 Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane ; iSiyoni liphendukile ihlane , neJerusalema liyincithakalo. 11 Indlu yethu engcwele nemangalisayo , lapho obaba babekudumisa khona , ishisiwe ngomlilo , nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo. 12 Ungazibamba kukho konke lokhu , Jehova? Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?