Skip to Content

U-Isaya Isahluko 65

1 Ngafunwa ngabangangicelanga, ngafunyanwa ngabangangifunanga, ngathi: Ngibhekeni, ngibhekeni, kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami. 2 Ngizelulile izandla zam i usuku lonke kubantu abahlubukayo , abahamba ngendlela engenhle nangokwemicabango yabo, 3 abantu abangithukuthelisa ebuswen i bami njalo, behlabela ezivandeni , beshisa impepho phezu kwezitini, 4 abahlala emathuneni , balale ezindaweni ezisithekileyo , badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo, 5 abathi: Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe; banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke. 6 Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi: Angiyikuthula, ngiyakuphindisela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo 7 ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye , usho uJehova, abashisa impepho ezintabeni, bangihlambalaza emagqumeni; ngiyakulinganisa kuqala umvuzo wabo ezifubeni zabo. 8 Usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni , bese kuthiwa: M alingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo , kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke. 9 Ngiyakuveza inzalo kuJakobe , nendlalifa yezintaba zami kuJuda ; abakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakwakha khona. 10 ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu , nesiGodi sase -Akori indawo yokubuthisa kwezinkomo kubantu bami abangifunayo. 11 Kepha nina enimshiya uJehova, nikhohlwe intaba yami engcwele, nihlelele iNhlanhla itafula, nigcwalisele isiMiselo iwayini elixutshanisiweyo, 12 ngiyakuninqumela inkemba , nikhothamele nonke ukuhlatshwa , ngokuba lapho nganibiza , aniphendulanga, nalapho ngakhu luma, anizwanga, kepha nenza okubi emehlweni ami, nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho. 13 Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu , ithi: Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba ; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza , kepha nina niyakoma ; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza , kepha nina niyakujabha; 14 bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya, nikhale ngobuhlungu benhliziyo. 15 Niyakulishiya igama len u libe yisiqalekiso kwabakheth iweyo bami, iNkosi uJehova inibulale, izibize izinceku zayo ngelinye igama, 16 ukuze kuthi ozibusisa emhlaben i azibusise kuNkulunkulu weqiniso , nofunga emhlabeni , afunge uNkulunkulu weqiniso , ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami. Izulu elisha nomhlaba omusha 17 Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha ; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. 18 Kepha jabulani , nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo , ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema libe ngukwethaba, nabantu balo babe yinjabulo. 19 Ngiyakwethaba ngeJerusalema , ngijabule ngabantu bami , kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala. 20 Kusukela laph o akusayikuba khona ingane yezinsuku nj e nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo , ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu. 21 Bayakwakha izindlu , bahlale kuzo ; bayakutshala izivini , badle izithelo zazo. 22 Abayikwakha, kuhlale omunye ; abayikutshala, kudle omunye , ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi , nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. 23 Abayikushikashikela ize , bazalele izinhlupheko , ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo. 24 Kuyakuthi bengakangibizi , mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa. 25 Impisi iyakudla ndawonye newundlu , ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka ; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.