Skip to Content

UDuteronomi Isahluko 33

1 Nasi isibusiso uMose , umuntu kaNkulunkulu , abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi: 2 UJehova wavela eSinayi , wabaphumela evela eSeyiri , wanyampuza entabeni yasePharanu , weza ephuma ezigidini zendawo engcwele ; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo. 3 Yebo, uyazithanda izizwe , bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho ; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho. 4 UMose wasiyaleza umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe. 5 Waba yinkosi eJeshuruni , lapho izinhloko zabantu zazibuthene , zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye. 6 Makaphile uRubeni, angafi; amadoda akhe abe ngumumo omkhulu. 7 Nalokhu wathi ngoJuda : Yizwa, Jehova, izwi likaJuda , umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye. 8 NgoLevi wathi : AmaThumimi nama -Urimi akh o akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba, 9 owathi ngoyise nangonina : Angibabonanga, angabavuma futhi abafowabo , angabazi abantwana bakhe , ngokuba baliqaphele izwi lakho , bagcina isivumelwano sakho. 10 Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho , no-Israyeli umthetho wakho ; babeka impepho phambi kwamakhala akho , nomnikelo oshiswa wonke e -altare lakho. 11 Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke. 12 NgoBenjamini wathi : Othandiweyo kaJehova uyakuhlal a elondwa nguye ; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe. 13 NgoJosefa w athi: Izwe lakhe malibusiswe nguJehova ngamagugu asezulwini, nangamazolo, nangotwa olwenabileyo phansi, 14 nangamagugu ezithelo zelanga, nangamagugu ezinhlamvu zenyanga, 15 nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo , nangamagugu amagquma angunaphakade, 16 nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowahlala esihlahleni; isibusiso masifike ekhanda likaJosef a nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo. 17 Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe , nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe ; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa -Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase. 18 NgoZebuloni wathi: Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho, nawe Isakare, ematendeni akho. 19 Bayakubizela izizwe entabeni , bahlabele khona imihlatshe lo yokulunga; ngokuba bayakumunca inala yezilwandle , nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi. 20 NgoGadi wathi: Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyamakazi, udwengula ingalo nokhakhayi. 21 Wazikhethela isabelo sokuqala , ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu , wafeza ukulunga kukaJehova , nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli. 22 NgoDani wathi : UDani uyibhongo lengonyama , elixhumayo, liphuma eBashani. 23 NgoNafetali wathi : Nafetali, wanelisiwe ngomusa , ugcwele isibusiso sikaJehova: yidla wena intshonalanga neningizimu. 24 Ngo-Asheri wathi: U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana , amukeleke kubafowabo, acwilise unyawo lwakhe emafutheni. 25 Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho. 26 Akakho ofana noNkulunkulu , Jeshuruni, okhwela izulu ukuyokusiza , nomkhathi ngokuphakama kwakhe. 27 UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo , nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: Chitha. 28 U-Israyeli usehlezi e londekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodw a ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo. 29 Ubusisiwe wena Israyeli ; ngubani ofana nawe , isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho , oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.