UDuteronomi Chapter 34
1
UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi , waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko . UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,
2
noNafetali wonke , nezwe lakwa -Efrayimi, nelakwaManase, nezwe lonke lakwaJuda kwaze kwaba selwandle lwasentshonalanga,
3
neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari.
4
UJehova wathi kuye : Nanti izwe engalifun gela o -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: Ngiyakunika lona inzalo yakho . Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.
5
Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova.
6
Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori , kepha akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla.
7
UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe ; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.
8
Abantwana bakwa -Israyeli bamkhalela uMose emathaf eni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu ; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.
9
UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha , ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe ; abantwana bakwa -Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
10
Akuvelanga ngasemuva kwa -Israyeli umprofethi onjengoMose , owazana noJehova ubuso nobuso
11
ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe , nakulo lonke izwe lakubo,
12
nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.