Skip to Content

UGenesise Chapter 12

1 UJehova wathi ku -Abrama: Phuma ezweni lakini , nasezihlotsheni zakho , nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. 2 Ngiyakukwenza isizwe esikhulu , ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso. 3 Ngiyakubabusisa abakubusisayo , nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa ; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe. 4 Wayesesuka u -Abrama, njengalokho uJehova emtshelile ; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana. 5 U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe , noLoti indodana yomfowabo , nempahla yonke ababeyibuthile , nezinceku ababezitholile eHarana ; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani. Ukufika kuka-Abrama eKhanani 6 U-Abrama wadabula izwe , waze wafika endaweni yaseShekemi nase -okini laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni. 7 UJehova wabonakala ku -Abrama, wathi: Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho. Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye. 8 Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe , iBethele lingasentshonalanga ne -Ayi lingasempumalanga ; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova. 9 Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu. Ukuhamba kuka-Abrama ukuya eGibithe 10 Kwakukhona indlala ezweni ; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni. 11 Kwathi esasondela ukungena eGibithe , wathi kuSarayi umkakhe: Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo. 12 Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone , bathi: Ngumkakhe lowo , bazakungibulala mina, bakulonde wena. 13 Mawuthi ungudadewethu , ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho , umphefumulo wami uphile ngenxa yakho. 14 Kwathi u-Abrama efika eGibithe , abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu. 15 Izinduna zikaFaro zambona , zambabaza phambi kukaFaro ; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro. 16 U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe ; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela. 17 Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama. 18 UFaro wayesembiza u -Abrama, wathi: Kuyini lokho okwenze kimi na ? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na? 19 Usholoni ukuthi : U ngudadewethu, ngize ngimthathe abe ngumkami , na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe. 20 UFaro wayala amadoda ngaye ; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.