UGenesise Chapter 13
1
U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho , uLoti enaye, waya ngaseningizimu.
2
U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.
3
Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu , wafika eBethele , leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,
4
indawo ye -altare abelenzile khona kuqala ; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.
5
Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.
6
Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye , ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.
7
Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika -Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.
8
U-Abrama wathi kuLoti: Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.
9
Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na ? Mawuhlukane nami ; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene ; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.
10
ULoti waphakamisa amehlo akhe , wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke ; uJehova engakachithi iSodoma neGomora , lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.
11
ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani ; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.
12
U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani ; uLoti wahlala emizini yasethafeni , wamisa itende lakhe ngaseSodoma.
13
Kepha abantu baseSodoma babebabi , bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.
14
UJehova wathi ku -Abrama, uLoti esehlukene naye : Phakamisa manje amehlo akho ubuke , usendaweni lapho umi khona , ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,
15
ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.
16
Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba , kuze kuth i, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.
17
Suka udabule izwe , ubude balo nobubanzi balo , ngokuba ngiyakukunika lona.
18
Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.