Skip to Content

UGenesise Chapter 15

1 Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku -Abrama ngombono , lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho ; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu. 2 Kepha u-Abrama wathi : Nkosi Jehova , uyakungiphani na ? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku. 3 U-Abrama wathi futhi : Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami. 4 Bheka, izwi likaJehova leza kuye , lathi: Lona akayikudla ifa lakho , kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho. 5 Wamphumisela ngaphandle, wathi: Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala. Wathi kuye: Kuyakuba njalo inzalo yakho. 6 Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga. 7 Wayesethi kuye : NginguJehova owaku phumisa e -Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho. 8 Wathi: Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na? 9 Wathi kuye : Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu , nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba. 10 Wamthathela zonke lezo , wazinquma phakathi , wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga. 11 Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha. 12 Kwathi ngokushona kwelanga ubuthon go obunzima bamehlela u -Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu. 13 Wathi ku-Abrama: Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. 14 Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi. 15 Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala. 16 Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha , ngokuba ububi bama -Amori abukapheleli. 17 Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama , bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye. 18 Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no -Abrama, wathi: Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe: 19 amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni, 20 namaHeti, namaPherizi, namaRefa, 21 nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.