Skip to Content

UGenesise Isahluko 16

1 USarayi umka -Abrama wayengamzaleli mntwana ; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari. 2 USarayi wathi ku -Abrama: Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami ; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo . U- Abrama walalela izwi likaSarayi. 3 USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe , incekukazi yakhe , wamnika u -Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe , u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani. 4 Wangena kuHagari ; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe , inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe. 5 USarayi wathi ku -Abrama: Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho . Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo ; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe. 6 U-Abrama wathi kuSarayi: Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho . USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe. 7 Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane , umthombo osendleleni eya eShuri. 8 Yathi: Hagari, ncekukazi kaSarayi , uvelaphi na ? Uyangaphi na ? Wathi: Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami. 9 Ingelosi kaJehova yathi kuye : Buyela kuyo inkosikazi yakho , uzithobise phansi kwesandla sayo. 10 Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye : Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho , ingabe isabalwa ngobuningi bayo. 11 Ingelosi kaJehova yathi kuye: Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana , uyiqambe igama lokuthi u -Ishmayeli, ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho. 12 Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe , isandla sakhe simelane nabo bonke , nesandla sabo bonke simelane naye , ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke. 13 Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi : Wena unguNkulunkulu Obonayo , ngokuba wathi : Imbala ngimbonile ongibonayo na? 14 Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri Lahayi Royi ; bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi. 15 UHagari wamzalela u -Abrama indodana ; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli. 16 U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.