UGenesise Chapter 24
1
U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke.
2
Wayesethi u -Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eya yibusa konke anakho: Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.
3
Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba , ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,
4
kepha uye ezweni lakithi nas ezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami u-Isaka umfazi.
5
Inceku yathi kuyo : Mhlawumbe owesifazane akayikuvuma ukungilandela , eze kuleli zwe ; imbala ngiyakuyibuyisela indodana yakho ezweni , lapho wavela khona na?
6
U-Abrahama wathi kuye : Qaphela u kuba ungayibuyiseli khona indodana yami.
7
UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi , wafunga kimi , wathi: Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe ; uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho , ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.
8
Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesi sifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami.
9
Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika -Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngale ndaba.
10
Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo , yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo ; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.
11
Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
12
Yathi: Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa.
13
Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.
14
Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi : Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho , ibe yileyo- ke oyimisele inceku yakho u -Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.
15
Kwathi ingakaqedi ukukhuluma , bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka , umkaNahori, umfowabo ka -Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.
16
Intombazana yayibukeka kahle , iyintombi, engaziwa yindoda ; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.
17
Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza , yathi: Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.
18
Yathi: Phuza, nkosi, yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo , yayiphuzisa.
19
Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa , yathi: Ngiyakukhelela namakamela akho , aze aphuze onke.
20
Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni , yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo.
21
Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi , uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.
22
Kwathi amakamela eseqedile ukuphuz a, indoda yathatha icici legolide , isisindo salo siyinxenye yeshekeli , namasongo amabili ezandla zayo , isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:
23
Wena uyindodakazi kabani na ? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?
24
Yathi kuyo : Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka , amzalela yona uNahori.
25
Yaqhubeka yathi kuyo: Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala.
26
Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova,
27
yathi: Makabongwe uJehova , uNkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso ; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.
28
Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto.
29
URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani ; uLabani wagij imela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.
30
Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo , wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: Washo njalo lo muntu kimi, waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.
31
Wathi: Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.
32
Wayesengena endlini lowo muntu , wakhumula amakamela , wapha amakamela utshani nefoliji , waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.
33
Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle , kepha wathi: Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami. Wathi: Khuluma.
34
Wayesethi: Ngiyinceku ka-Abrahama.
35
UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami , yaze yaba nkulu ; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.
36
USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala ; kuyona inikele konke enakho.
37
Inkosi yami yangifungisa yathi : U ngathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo,
38
kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami , uyithathele khona indodana yami umfazi.
39
Ngase ngithi enkosini yami: Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela.
40
Wathi kimi : U Jehova, engihambe ebusweni bakhe , uzakuthuma ingelosi yakhe nawe , aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.
41
Lapho uyobe ukhululekile esifungweni sami, nxa ufika ezihlotsheni zami ; noma bengamniki kuwe, uyobe usukhululekile esifungweni sami.
42
Ngase ngifika emthonjeni namuhla , ngithi: Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uphumelelisa indlela yami engiyihambayo,
43
bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi ; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,
44
ithi kimi : Phuza wena , futhi ngizakuwakhelela namakamela akho , kube yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami.
45
Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami , bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe ; wehlela emthonjeni , wakha; ngathi kuye : Ake ungiphuzise.
46
Washesha wehlisa imbiza yakhe ehlombe, wathi: Phuza; ngizakuwaphuzisa namakamela akho; ngaphuza-ke; namakamela wawaphuzisa.
47
Ngambuza ngathi : Wena uyindodakazi kabani na ? Wathi: Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori , amzalela yona uMilka ; ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe.
48
Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova , ngabonga uJehova , uNkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, obengihole endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.
49
Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo , ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
50
Base bephendula oLabani noBetuweli , bethi: Le ndaba ivela kuJehova ; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.
51
Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.
52
Yathi ukuzwa amazwi abo , inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova.
53
Inceku yakhipha izinto zesiliva n ezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.
54
Base bedla bephuza , yona nabantu eyayinabo , balala; sebevuke ekuseni , yathi: Ngithumeni enkosini yami.
55
Umnewabo nonina bathi : Ake ihlale kithina intombazana izinsukwan a, mhlawumbe eziyishumi, andukuba ihambe.
56
Yathi kubo: Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.
57
Base bethi: Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.
58
Bambiza uRebeka , bathi kuye : Uzakuhamba nale ndoda na ? Wathi: Ngizakuhamba.
59
Base bemukisa udadewabo uRebeka , nomzanyana wakhe , nenceku ka - Abrahama, namadoda ayo.
60
Bambusisa uRebeka , bathi kuye : Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.
61
URebeka wasuka namantombazana akhe ; bagibela amakamela , balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.
62
Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi , ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu.
63
U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle ; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.
64
NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni.
65
Wathi encekwini: Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na ? Yathi inceku: Yinkosi yami, wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.
66
Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile.
67
U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara , wamthatha uRebeka , wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.