UGenesise Chapter 25
1
U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura.
2
Wamzalela oZimrani , noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa.
3
UJokishani wazala oSheba noDedani . Amadodana kaDedani ayengama- Ashuri, namaLetushi, namaLewumi.
4
Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no- Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.
5
U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho.
6
Kepha amadodana ezancinza zika -Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona , aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.
7
Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka -Abrahama azihambayo : iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.
8
U-Abrahama wagqibuka wafa , esemdala egugile , esanelisiwe yizinsuku , wabuthelwa kubantu bakhe.
9
O-Isaka no -Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre,
10
insimu ayithenga u -Abrahama kubo abantwana bakwaHeti ; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe.
11
Kwathi emva kokufa kuka -Abrahama uNkulunkulu wambusisa u -Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi. Inzalo ka-Ishmayeli
12
Lezi ziyizizukulwane zika -Ishmayeli indodana ka -Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.
13
Lawa angamagama am adodana ka -Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,
14
noMishima, noDuma, noMasa,
15
noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema;
16
yilawo angamadodana ka -Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo.
17
Le iyiminyaka yokuhamba kuka -Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.
18
Bahlala-ke kwasukela eHavi la kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e -Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo. Ukuzalwa kuka-Esawu noJakobe
19
Lezi ziyizizukulwane zika -Isaka indodana ka -Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka;
20
u-Isaka wayeneminyaka engamas humi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.
21
U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova , ngokuba wayeyinyumba ; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
22
Abantwana baqhubuku shana phakathi kwakhe ; wathi: Uma kunje , ngisekhona ngani na? Waya wabuza kuJehova.
23
UJehova wathi kuye : Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili ; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho ; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.
24
Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe.
25
Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba , enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu.
26
Emva kwalokho kwaphuma umfowabo , isandla sakhe sibambelele esithendeni sika -Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe ; u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
27
Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi , umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni.
28
U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.
29
Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe.
30
U-Esawu wathi kuJakobe : Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu , kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe, ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.
31
Wayesethi uJakobe: Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.
32
Wathi u-Esawu: Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?
33
UJakobe wathi: Funga kimi namuhla. Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.
34
UJakobe wamupha u -Esawu isinkwa nokudla kwembumba ; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.