Skip to Content

UGenesise Chapter 28

1 U-Isaka wambiz a uJakobe , wambusisa, wamyala, wathi kuye : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani. 2 Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko , uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume. 3 UNkulunkulu uSomandla makakubusise , akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi, 4 akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe , udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama. 5 U-Isaka wayesemmukisa uJakobe , waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBe tuweli umAramu , umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no- Esawu. 6 U-Esawu ebona ukuthi u -Isaka umbusisile uJakobe , wamthuma ePhadani Aramu ukuyothatha khona umfazi , nokuthi lapho embusisa wamyala wathi : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani, 7 nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu, 8 khona u -Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise, 9 waya ku-Ishmayeli, wathatha uMahalati indodakazi ka -Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti , abe ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo. Iphupho likaJakobe eseBethele 10 UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana. 11 Wafika endaweni ethile , wahlala khona ubusuku bonke , ngokuba ilanga lase lishonile ; wathatha elinye lamatshe aleyondawo , walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo. 12 Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini , isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo. 13 Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo , wathi: NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho. 14 Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi , wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba. 15 Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona , ngikubuyisele kuleli zwe , ngokuba angiyikukushiya , ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe. 16 Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe , wathi: Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi. 17 Washaywa luvalo , wathi: Yeka ukwesabeka kwale ndawo ! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu. 18 UJakobe wavuka ekuseni , walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo. 19 Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele ; kuqala igama lomuzi laliyiLuze. 20 UJakobe wenza isithembiso , wathi: Uma uNkulunkulu eyakuba nami , angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo , angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha, 21 ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula , khona uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami, 22 naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu , nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.