UGenesise Isahluko 29
1
Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga.
2
Wabheka, nanko umthombo endle , nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi ; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.
3
Kwabuthelwa khona imihlam bi yonke , balisusa itshe emlonyeni womthombo, baphuzisa izimvu , balibuyisela itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.
4
UJakobe wathi kubo: Bazalwane, nivelaphi na? Bathi: SingabakwaHarana.
5
Wayesethi kubo: Niyamazi uLabani indodana kaNahori na? Bathi: Siyamazi.
6
Wathi kubo : Usahlezi kahle na ? Bathi: Uhlezi kahle . Nangu uRaheli indodakazi yakhe; uyeza nezimvu.
7
Wathi: Bheka, kusesemini kakhulu , akusiso isikhathi sokuba zibuthwe izinkomo; phuzisani izimvu, nihambe niziklabise.
8
Base bethi : Singekwenze lokho ingakabuthani imihlambi yonke , balisuse itshe emlonyeni womthombo; yikhona siyakuphuzisa izimvu. Ukubonana kukaJakobe noRaheli
9
Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezalusa.
10
Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani uninalu me nezimvu zikaLabani uninalume , uJakobe wasondela , wasusa itshe emlonyeni womthombo, waziphuzisa izimvu zikaLabani uninalume.
11
UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.
12
UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima, watshela uyise.
13
Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo , wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe ; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto.
14
ULabani wathi kuye: Impela uyithambo lami nenyama yami. Wahlala kuye inyanga yonke. UJakobe uqala ukusebenza kuLabani
15
ULabani wayesethi kuJakobe: Lokhu ungumfowethu, ubuzakungisebenzela ngeze na? Ngitshele ukuthi umvuzo wakho uyakuba yini na?
16
ULabani wayenamadodakazi amabili ; igama lenkulu lalinguLeya, igama lencane lalinguRaheli.
17
Amehlo kaLeya ayebuthakathaka , kepha uRaheli wayemuhle ngesimo , ebukeka kahle.
18
UJakobe wamthanda uRaheli ; wathi: Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.
19
Wayesethi uLabani: Kuhle ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda; hlala kimi.
20
UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa ; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.
21
UJakobe wathi kuLabani : Nginike umkami , ngokuba izinsuku zami seziphelile, ngize ngingene kuye.
22
ULabani wabutha abantu bonke bakuleyo ndawo, wenza idili.
23
Kepha kwathi kusihlwa wathatha uLeya indodakazi yakhe , wamyisa kuye; wangena kuye.
24
ULabani wanika indodakazi yakhe uLeya incekukazi yakhe uZil ipa, abe yincekukazi yakhe.
25
Kwathi ekuseni , bheka, kunguLeya; wayesethi kuLabani : Kuyini lokhu okwenzile kimi na? Angikusebenzelanga ngoRaheli na? Ungikhohliseleni na?
26
Wathi uLabani : Akwenziwa njalo endaweni yakithi ukuba kuganiswe omncane ngaphambi komkhulu.
27
Qeda isonto lalona, sikuphe nomunye ngomsebenzi osezakuwusebenza kimi eminye iminyaka eyisikhombisa.
28
UJakobe wenze njalo , waqeda isonto lakhe ; wamupha uRaheli indodakazi yakhe, abe ngumkakhe.
29
ULabani wanika indodakazi yakhe uRaheli incekukazi yakhe uBiliha , abe yincekukazi yakhe.
30
Wangena nakuye uRaheli , wathanda uRaheli kakhulu kunoLeya ; wayesesebenza kuye eminye iminyaka eyisikhombisa. Amadodana okuqala kaJakobe
31
UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa , wavula isizalo sakhe ; kepha uRaheli wayeyinyumba.
32
ULeya wakhulelwa , wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi : UJehova ubonile ukuhlupheka kwami ; manje umyeni wami uyakungithanda.
33
Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi , waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni.
34
Wabuye wakhulelwa , wazala indodana , wathi: Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi , ngokuba ngimzalele amadodana amathathu, ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.
35
Wakhulelwa futhi , wazala indodana, wathi: Sengiyakumdumisa uJehova , ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; wayesekhawula ukuzala.