UGenesise Chapter 30
1
URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana , uRaheli waba no mhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe : Ngiphe abantwana , funa ngife.
2
Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli , wathi: Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?
3
Wathi: Nansi incekukazi yami uBiliha ; ngena kuye , ukuze azalele emathangeni ami, ngakheke nami ngaye.
4
Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.
5
UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana.
6
Wayesethi uRaheli : UNkulunkulu ungahlulele , futhi wezwa izwi lami : wangipha indodana, ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.
7
UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa , wamzalela uJakobe indodana yesibili.
8
URaheli wathi : Ngokubambana ngibambene nodadewethu ngamandla kaNkulunkulu, ngamahlula, waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.
9
ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala , wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.
10
UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana.
11
ULeya wayesethi : Kwenziwe inhlanhla , waqamba igama layo ngokuthi uGadi.
12
UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela indodana yesibili.
13
Wayesethi uLeya : Yisibusiso sami ! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo, waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.
14
Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora endle, wawayisa kunina uL eya. URaheli wayesethi kuLeya : Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.
15
Wathi kuye : Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na ? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na ? URaheli wathi : Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodan a yakho.
16
Kusihlwa uJakobe esebuya endle , uLeya waya ukumhlangabeza , wathi: Ngena kimi , ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami. Wayeselala naye ngalobo busuku.
17
UNkulunkulu wamuzwa uLeya ; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.
18
Wayesethi uLeya : UNkulunkulu unginikile umvuzo , lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami, waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.
19
ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.
20
Wayesethi uLeya: UNkulunkulu ungiphe isipho esihle ; manje umyeni wami useyakuhlala kimi , ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha , waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
21
Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.
22
UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli , uNkulunkulu wamuzwa , wavula isizalo sakhe.
23
Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: UNkulunkulu ususile ihlazo lami.
24
Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa , ethi: UJehova makangenezelele nenye indodana futhi.
25
Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa , uJakobe wathi kuLabani : Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.
26
Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo , ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.
27
ULabani wayesethi kuye : Ake ngifumane umusa emehlweni akho . Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.
28
Wathi futhi: Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.
29
Wathi kuye : Uyazi wena ukuthi ngikukhonze kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.
30
Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki ; kepha kwandile , sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami ; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?
31
Wathi: Ngiyakukuphani na ? Wathi uJakobe: Awuyikunginika lutho ; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde.
32
Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha , nazo zonke ezimnyama ezimvini , nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami.
33
Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo , lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho , ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini , nezingemnyama ezimvini ezikimi , mazithiwe zebiwe.
34
Wayesethi uLabani: Bheka, makube njengezwi lakho.
35
Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha , nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha , zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini , wazinikela esandleni samadodana akhe.
36
Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe ; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.
37
UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula nezomalimondi nezompelatani, wazebula imishwe emhlophe , wambula okumhlophe okusezintini.
38
Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza ; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.
39
Imihlambi yamitha phambi kwezin ti, imihlambi yazala ezinemishwe , nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.
40
UJakobe wayesahlukanisa amawundlu , wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani ; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.
41
Kwathi l apho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo , uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.
42
Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka , akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba ngekaLabani neqinileyo yaba ngekaJakobe.
43
Yayisikhula kakhulu impela le ndoda , yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.