Skip to Content

UGenesise Isahluko 37

1 UJakobe wakha ezweni lokugogobala kukayise, ezweni laseKhanani. 2 Lokhu kuyindaba kaJakobe . UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo. 3 Kepha u -Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke , ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe ; wamenzela ingubo enemikhono emide. 4 Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke ; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula. 5 UJosefa waphupha iphupho , wabalandisa lona abafowabo ; babelokhu bemzonda kakhulu. 6 Wathi kubo: Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo. 7 Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima ; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami. 8 Base bethi kuye abafowabo : Impela uyakuba yinkosi yethu , usibuse na ? Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe. 9 Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo , wathi: Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho ; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela. 10 Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: Yiphupho lini leli oliphuphileyo na ? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza , sikukhothamele emhlabathini na? 11 Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi. Ukuthengiswa kukaJosefa 12 Abafowabo baya ukwalusa umhlambi kayise eShekemi. 13 U-Israyeli wathi kuJosefa : Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na ? Woza, ngiyakukuthuma kubo. Wathi kuye: Ngilapha. 14 Wayesethi kuye: Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi . Wamthuma esuka esigodini saseHebroni , waze wafika eShekemi. 15 Umuntu o thile wamfumana ezulazula endle ; lo muntu wambuza wathi : Ufunani na? 16 Wathi: Ngifuna abafowethu; ake ungitshele ukuthi baluselaphi. 17 Wathi lowo muntu : Basukile lapha , ngokuba ngabezwa bethi : Asiye eDotayini. UJosefa walandela abafowabo, wabafumana eDotayini. 18 Bambona esekude; engakasondeli kubo, bamenzela ugobe lokumbulala. 19 Bakhulumisana omunye nomunye , bathi: Bhekani, inyanga yamaphupho iyeza. 20 Ngalokho wozani , siyibulale, siyiphonse komunye wemigodi , bese sithi : Isilwane esibi siyidlile, sibone ukuthi azakuba yini amaphupho ayo. 21 URubeni wakuzwa, wamophula esandleni sabo ngokuthi: Asingambulali. 22 URubeni wathi kubo : Ningachithi gazi ; mphonseni kulo mgodi osehlane , ningabeki isandla kuye, ukuba amophule esandleni sabo, ambuyisele kuyise. 23 Kwathi u Josefa esefike kubafowabo , bamkhumula ingubo yakhe , leyo ngubo enemikhono emide ayeyigqokile. 24 Bamthatha, bamphonsa emgodini ; umgodi wawungenalutho , kungekho manzi kuwo. 25 Bahlala phansi ukuba badle isinkwa ; baphakamisa amehlo abo , babona; bheka, kwafika ihele labakwa -Ishmayeli livela kwaGileyadi , linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu nemure, likwewusela eGibithe. 26 Wayesethi uJuda kubafowabo : Kuyakusizani, uma simbulala umfowethu , sifihle igazi lakhe, na? 27 Wozani sithengise ngaye kwabakwa -Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu. Abafowabo bamlalela. 28 Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani ; bamdonsa uJosefa , bamkhuphula emgodini , bathengisa ngoJosefa kwabakwa -Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili ze siliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe. 29 URubeni wabuyela emgodini ; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini ; waklebhula izingubo zakhe. 30 Wayesebuyela kubafowabo , ethi: Akasekho umntwana ; mina-ke ngizakushonaphi na? 31 Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini. 32 Bathumela leyo ngubo enemikhono emide , bayiyisa kuyise , bathi: Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini , noma akusiyo na? 33 Wayibona, wathi: Yiyo ingubo yendodana yami ; isilwane esibi simdlile ; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa. 34 UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe , wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi. 35 Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukudud uzwa, wathi: Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila. Uyise wamlilela-ke. 36 AbakwaMidiyani bathengisa ngaye eGibithe kuPotifari , inceku kaFaro , induna yabalindi bakhe.