Skip to Content

UGenesise Chapter 38

1 Kwathi ngaleso sikhathi uJuda was uka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira. 2 UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo. 3 Yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Eri. 4 Yabuye yakhulelwa, yazala indodana , yaqamba igama layo ngokuthi u - Onani. 5 Yabuye yazala futhi indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uShela ; uJuda wayeseKesibi ekuyizaleni kwayo. 6 UJuda wamthathela u-Eri izibulo lakhe umfazi ogama lakhe linguTamari. 7 U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; uJehova wambulala. 8 UJuda wathi ku -Onani: Yiya kumkamfowenu , umngene, umvusele umfowenu inzalo. 9 U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe ; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo. 10 Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo ; wambulala naye futhi. 11 UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe : Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo , aze akhule uShela indodana yami , ngokuba wathi : Ukuba angafi njengabafowabo. UTamari waya wahlala kwabo. OJuda noTamari 12 Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda ; eseduduzekile uJuda wakhuphuka , waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu. 13 Kwatshelwa uTamari ukuthi : Bheka, uyihlozala uyakhuphukela eThimna ukuyogunda izimvu zakhe. 14 Wayesekhumula izingubo zakhe zobufelokazi , wagubuzela, wazimboza, wahlala esangweni lase -Enayimi ngasendleleni eya eThimna , ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, engamnikwa nokho abe ngumkakhe. 15 UJuda esembona wacabanga ukuthi uyisifebe , ngokuba wayegubuzele ubuso. 16 Waphambukela kuye endleleni, wathi: Woza, ake ngingene kuwe, ngokuba wayengazi ukuthi ungumalokazana wakhe . Wathi: Uyakungiphani ukuba ungene kimi na? 17 Wayesethi: Mina ngizakukuthumela iz inyane lembuzi elisemhlambini . Wathi: Uzakunginika isibambiso, uze ulithume, na? 18 Wathi: Ngikuphe sibambiso sini na ? Wathi: Indandatho yakho, nentambo yakho, nodondolo lwakho olusesandleni sakho . Wamupha, wangena kuye ; wakhuliselwa nguye. 19 Wasuka, wahamba, wakhumula iveli lakhe , wembatha izingubo zakhe zobufelokazi. 20 UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase - Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane , kepha akamfumananga. 21 Wayesebuza abantu bendawo yakhe , wathi: Siphi isi febe esasise -Enayimi ngasendleleni na? Bathi: Akuzange kube khona isifebe lapha. 22 Wayesebuyela kuJuda , ethi: Angisifumananga; nabantu bendawo bathi : Akuzange kube khona isifebe lapha. 23 Wathi uJuda: Masizithathele sona, funa sibe nehlazo ; bheka, ngithume leli zinyane, kepha awusifumananga. 24 Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi : UTamari umalokazana wakho ufebile ; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe . UJuda wathi: Mletheni, ashiswe. 25 Eselethiwe wathumela kuyisezala , wathi: Ngikhuleliswe yile ndoda engumnini walezi zinto . Wathi futhi : Ake ubone ukuthi ngokukabani le ndandatho, nale ntambo, nalolu dondolo na? 26 Wakuvuma uJuda , wathi: Ulungile kunami , njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami. Akabange esamazi futhi. 27 Kwathi ngesi khathi sokubeletha kwakhe , bheka, ngamawele asesiswini sakhe. 28 Kwathi esabeletha , omunye wakhipha isandla ; umbelethisi wathatha, wabopha esandleni sakhe ngentambo ebomvu, wathi: Lo uphume kuqala. 29 Kwathi ukuba afinyeze isandla sakhe , nangu umfowabo ephu ma; wathi: Ufuzuleleni na? Ngalokho igama lakhe laqanjwa ngokuthi uPheresi. 30 Ngasemuva waphuma umfowabo owayenentambo ebomvu esandleni sakhe; igama lakhe lathiwa uZera.