UGenesise Isahluko 40
1
Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe.
2
UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili , induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa.
3
Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindanko si etilongweni , indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa.
4
Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana.
5
Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye , yilowo nalowo ngoko kuchazwa kwephupho lakhe , umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe , ababeboshwe etilongweni.
6
UJosefa wangena kubo ekuseni, wabona ukuthi badabukile.
7
Wayesebuza izinceku zikaFaro ezazinaye zilindwe endlini yenkosi yakhe , ethi: Ubuso benu budabukeleni namuhla na?
8
Bathi kuye : Siphuphe iphupho , akakho ongalichaza . UJosefa wathi kubo : Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.
9
Induna yabaphathizitsha yayisimlandisa uJosefa iphupho layo , yathi kuye: Ephusheni lami kwakukhona umvini phambi kwami;
10
emvinini kwakukhona amagatsha amathathu ; wahluma qede wakhahlela , amahlukuzo awo athela izithelo.
11
Indebe kaFaro yayisesandleni sami ; ngathatha izithelo zomvini , ngazikhamela endebeni kaFaro, indebe ngayinikela esandleni sikaFaro.
12
Wathi uJosefa kuye: Nakho ukuchazwa kwalo : lawo magatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;
13
zingakadluli izinsuku ezintathu , uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho , akubuyisele esikhundleni sakho ; uzakunikela indebe esandleni sikaFaro njengokwenza kwakho kwakuqala, lapho wawungumphathizitsha wakhe.
14
Kepha ngikhumbule , nxa usuhlezi kahle , ungenzele umusa , ungibike kuFaro, ungikhiphe kule ndlu.
15
Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu , nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.
16
Kwathi induna yabaph ekizinkwa ibona ukuthi lokho kuchazwa kwakukuhle, yathi kuJosefa: Nakimi ephusheni lami kwakungathi kukhona amaqoma amathathu esinkwa esimhlophe ekhanda lami.
17
Eqomeni elingaphezulu kwakukhona izinhlobo zonke zokudla kukaFaro ; izinyoni zazikudla eqomeni eliphezu kwekhanda lami.
18
UJosefa waphendula wathi : Lokhu kungukuchazwa kwalo : lawo maqoma amathathu ayizinsuku ezintathu;
19
zingakadluli izinsuku ezintathu , uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho , alisuse kuwe , akuphanyeke emthini ; izinyoni ziyakudla inyama y akho, ziyisuse kuwe.
20
Kwathi ngosuku lwesithathu , usuku lokuzalwa kukaFaro , wazenzela izinceku zakhe zonke idili , waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.
21
Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esik hundleni sayo , waze wanikela indebe esandleni sikaFaro;
22
kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa , njengalokho ebebachazele uJosefa.
23
Nokho induna yabaphathizitsha ayamkhumbula uJosefa, yamkhohlwa.