UGenesise Chapter 41
1
Kwathi ngasekupheleni kw eminyaka emibili waphupha uFaro ; bheka, wayemi ngasemfuleni.
2
Bheka, kwakhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezibukeka kahle , zikhuluphele, zadla emhlangeni.
3
Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo , zibukeka kabi, zondile; zema kwezinye izithole ogwini lomfula.
4
Izithole ezibukeka kabi ezondileyo zadla izithole ezibukeka kahle ezikhulupheleyo. Wayesephaphama uFaro.
5
Walala ubuthongo , waphupha ngokwesibili ; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.
6
Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane , ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
7
Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo . Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
8
Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathaz eka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo ; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.
9
Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro , ithi: Ngiyakhumbula namuhla amacala ami.
10
UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa.
11
Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye . Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe.
12
Kwakukhona nathi lapho insizw a, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona , yasichazela amaphupho ethu , yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe.
13
Kwathi njengalokho yasichazela , kwaba njalo ; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.
14
UFaro wayesethuma wambiza uJosefa ; bashesha bamkhipha emgodini ; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.
15
Wayesethi uFaro kuJosefa : Ngiphuphe iphupho , kakho ongalichaza ; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.
16
UJosefa wa mphendula uFaro , wathi: Akukimi lokho ; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.
17
UFaro wakhuluma kuJosefa , wathi: Ephusheni lami , bheka, ngangimi ogwini lomfula;
18
bheka, kwase kukhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezikhulupheleyo ezibukeka kahle; zadla emhlangeni.
19
Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo , zizacile, zibukeka kabi kakhulu , zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe.
20
Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo.
21
Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.
22
Futhi ngabona ephusheni lami , bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle.
23
Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane , ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
24
Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.
25
UJosefa wayesethi kuFaro : Iphupho lika Faro linye ; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.
26
Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa ; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.
27
Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziy iminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane , ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.
28
Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro.
29
Bheka, kuyeza iminyaka eyisikhombisa yena la enkulu ezweni lonke laseGibithe.
30
Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala ; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.
31
Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo , ngokuba iyakuba nzima kakhulu.
32
Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.
33
Manje uFaro makakhethe umuntu oqaphelayo ohlakaniphileyo , ambeke phezu kwezwe laseGibithe.
34
Makenze njalo uFaro , abeke ababonisi phezu kwezwe , bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala.
35
Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.
36
Lokhu kudla kuyakubekelelwa izw e ngenxa yeminyaka eyisikhombisa yendlala eyakuba khona ezweni laseGibithe ukuba izwe lingabhubhi ngendlala. Ukuphakanyiswa kukaJosefa
37
Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.
38
Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe : Singamthola yini umuntu onjalo , onoMoya kaNkulunkulu, na?
39
Wathi uFaro kuJosefa : Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe.
40
Wena uzakuba phezu kwendlu yami ; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.
41
Wathi uFaro kuJosefa : Bheka, sengikubeke phezu kwezwe lonke laseGibithe.
42
UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe , wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo , wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.
43
Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe , bathi: Guqani! Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.
44
UFaro wathi kuJosefa: NginguFaro; ngaphandle kwakho akuyikuphakamisa muntu isandla sakhe nonyawo lwakhe ezweni lonke laseGibithe.
45
UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi uSafenati Phaneya; wamnika u- Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase -Oni abe ngumkakhe . UJosefa waphuma, wahamba izwe lonke laseGibithe.
46
UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro , wahamba izwe lonke laseGibithe.
47
Ngeminyaka eyisikhombisa yenala umhlaba wathela kakhulu.
48
Waqoqa konke ukudla kwale minyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wabekelela ukudla emizini; ukudla kwamasimu azungeza yilowo nalowo muzi wakubekelela kuwo.
49
UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle , okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa. Indlala
50
UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
51
UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase , wathi: Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.
52
Igama lo wesibili waliqamba ngokuthi u -Efrayimi, wathi: Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.
53
Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela.
54
Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika , njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke ; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.
55
Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe , abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe : Yanini kuJosefa ; lokho anitshela khona, nikwenze.
56
Indlala yayisebusweni bezwe lonke ; uJosefa wavula zonke izinqolobane , wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.
57
Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele , ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.