Skip to Content

UGenesise Chapter 43

1 Indlala yayinzima ezweni. 2 Kwathi sebeqedile amabele ababewathengile eGibithe , uyise wathi kubo: Buyelani, nisithengele ukudlana. 3 UJuda wakhuluma kuye , wathi: Lowo muntu wagoma nokugoma kithina , wathi: Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani. 4 Uma umthuma nathi umfowethu, sizakwehla, sithenge ukudla; 5 kepha uma ungamthumi , asizukwehla, ngokuba lowo muntu wathi kithina : Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani. 6 Wayesethi u-Israyeli: Ningenzeleni okubi ngokumtshela lowo muntu ukuthi ukhona omunye umfowenu na? 7 Bathi: Wabuza nokubuza lowo muntu ngathi nangezihlobo zethu , wathi: Usekhona uyihlo na ? Ninomunye umfowenu na ? Samlandisa njengalawa mazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: Yehlisani umfowenu, na? 8 UJuda wathi ku -Israyeli uyise : Thuma umfana nami , size sisuke , sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu. 9 Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe ; uzakumbiza esandleni sami ; uma ngingambuyiseli kuwe , ngimbeke ebusweni bakho , ngiyakuba necala kuze kube phakade, 10 ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili. 11 Uyise u -Israyeli waye sethi kubo : Uma kunjalo, yenzani lokhu ; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu eliyingcosana , nezinyosi eziyingcosana , namakha, nemure, namapisitakiyo, nama-alimondi, 12 niphathe esandleni senu imali i phindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu , niyihambise ngesandla senu ; mhlawumbe kwenzeka iphutha. 13 Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowo muntu. 14 UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu , ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini ; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa. 15 Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa. 16 UJosefa esembona uBenjamini enabo , wathi kophezu kwendlu yakhe : Ngenisa lawa madoda endlini , uhlabe, ulungise, ngokuba lawa madoda ayakudla nami emini. 17 Lowo muntu wenza njengalokho eshilo uJosefa ; inceku yawangenisa amadoda endlini kaJosefa. 18 Amadoda esaba , ngokuba angeniswa e ndlini kaJosefa , athi: Singeniswe lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume , asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu. 19 Asondela-ke encekwini yendlu kaJosefa , akhuluma kuyo ngasemnyango wendlu, 20 athi: O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla. 21 Kwathi sesifike endlini yezihambi , savula amasaka ethu ; bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesaka lakhe , imali yethu ngokulinganiswa kwayo; sesiyibuyisile ngesandla sethu. 22 Sehle nenye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla ; asazi ukuthi ngubani owayifaka imali yethu emasakeni ethu. 23 Yayisithi kubo : Ukuthula makube kinina ; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu ; imali yenu ngayithola . Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo. 24 Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa , yawanika amanzi ; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla. 25 Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona. 26 UJosefa esefike ekhaya , ayisa kuye endlini isipho e sasisesandleni sawo , akhothamela phansi kuye. 27 Wabuza impilo yabo , wathi: Usaphila uyihlo, ixhegu enanikhuluma ngalo , na? Usekhona na? 28 Bathi-ke: Inceku yakho ubaba isaphila , isekhona. Bamkhothamela, bamkhonza. 29 Wayesephakamisa amehlo akhe , wambona uBen jamini umfowabo , indodana kanina, wathi: Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na? Wathi: UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami. 30 Wakhawuleza uJosefa , ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona , wangena ekamelweni lakhe , wakhala khona. 31 Wageza ubuso bakhe, waphuma; wazibamba, wathi: Lethani ukudla. 32 Bambekela ukudla ngokwakhe , nalabo ngokwabo , nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu , ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe. 33 Bahlala phambi kwakhe , izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye. 34 Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe , kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo . Baphuza, bathokoza naye.