UGenesise Chapter 44
1
Wayala inceku yendlu yakhe , wathi: Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala , ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.
2
Ufake indebe yami , indebe yesiliva , emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yamabele akhe. Yenza-ke njengezwi likaJosefa alishilo.
3
Ngakusasa nxa sekusile, amadoda amukiswa, wona nezimbongolo zawo.
4
Esephumile emzini , engakabi kude , uJosefa wathi encekwini yakhe : Suka ulandele lawo madoda ; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi : Niphindiseleni okuhle ngokubi na?
5
Lena akusiyo indebe inkosi yami ephuza ngayo , ebhula ngayo, na? Nenze kabi ngokwenze njalo.
6
Yawafica, yakhuluma kuwo lawa mazwi.
7
Ayesethi kuyo: Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa ? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.
8
Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?
9
Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye , makafe yena , thina sibe yizigqila zenkosi yami.
10
Yathi: Kalokhu makube njengamazwi enu ; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.
11
Ayeseshesha ukwehlisela phansi , kwaba yileyo naleyo isaka layo , yileyo naleyo yavula isaka layo.
12
Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane ; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini.
13
Ayeseklebhula izingubo zawo , yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo , abuyela emzini.
14
UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa ; wayesekhona lapho ; bawa phansi phambi kwakhe.
15
UJosefa wayesethi kubo : Isenzo sini lesi enisenzileyo na ? Beningazi yini ukuthi umuntu onjengami angabhula nokubhula na?
16
Wathi uJuda : Sizakuthini enkosini yami na ? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani ? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zak ho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.
17
Wathi: Makube kude kimi ukwenze njalo ; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.
18
UJuda wayesesondela kuye, ethi: O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami , ungavuthi ulaka ngenceku yakho , ngokuba ungangoFaro wena.
19
Inkosi yami yabuza izinceku zayo, yathi: Ninoyihlo, ninomfowenu, na?
20
Sase sithi enkosini yami : Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.
21
Wawusuthi ezincekwini: Mehliseni kimi ukuba ngimbone ngamehlo ami.
22
Sathi enkosini: Umfana akanakumshiya uyise; uma emshiya, uyise uzakufa.
23
Wathi wena ezincekwini zakho : U ma umfowenu omncane engehli nani , anisayikubuye nibone ubuso bami.
24
Kwathi sesikhuphukele encekwini yakho ubaba, samlandisa amazwi enkosi.
25
Wathi ubaba: Buyelani, nisithengele ukudlana.
26
Sathi thina : Asinakwehla. Uma umfowethu omncane enathi , siyakwehla, ngokuba asinakubona ubuso balowo muntu , uma umfowethu omncane engenathi.
27
Yayisithi kithi inceku yakho ubaba : Niyazi ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili.
28
Enye yaphuma kimi ; ngathi: Impela idatshuliwe nokudatshulwa ; angiyiboni kuze kube manje.
29
Nanxa nithatha nalena , niyisuse kimi , yehlelwa yingozi , niyakwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.
30
Kalokhu nxa ngifika encekwini yakho ubaba , umfana engenathi , lokhu inhliziyo yakhe ibambelele enhliziyweni yomfana,
31
kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho , afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi.
32
Ngokuba inceku yakho yaba yisibambiso somfana kubaba , yathi: U ma ngingambuyiseli kuwe, ngiyakuba necala kubaba kuze kube phakade.
33
Ngalokho inceku yakho ake ihlale esikhundleni somfana , ibe yisigqila senkosi, umfana akhuphuke nabafowabo.
34
Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba , umfana engenami , funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?