UGenesise Chapter 45
1
Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi : Phumisani kimi abantu bonke . Kwakungemi muntu naye , uJosefa esazazisa kubafowabo.
2
Wayesephakamisa izwi ngokukhala , abaseGibithe bakuzwa , nendlu kaFaro yakuzwa.
3
Wathi uJosefa kubafowabo : NginguJosefa; ubaba usekhona na ? Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.
4
UJosefa wayesethi kubafowabo : Ake nisondele kimi . Basondela-ke. Wayesethi: NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.
5
Manje ningabi buhlungu , ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.
6
Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni ; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.
7
UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza , nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.
8
Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.
9
Sheshani nikhuphuke , niye kubaba , nithi kuye : U the uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe ; yehla, uze kimi , ungalibali.
10
Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami , wena nabantabakho , nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho,
11
ngikondlele khona , ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala , funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.
12
Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina.
13
Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe , nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.
14
Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini , wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe.
15
Wabanga bonke abaf owabo, wakhalela kubo ; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye. Abafowabo bakaJosefa babuyela ekhaya
16
Leli zwi lezwakala endlini kaFaro , lithi: Abafowabo bakaJosefa bafikile . Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe.
17
UFaro wayesethi kuJos efa: Yisho kubafowenu ukuthi : Yenzani lokhu : thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani,
18
nithathe uyihlo nemizi yenu , nize kimi , nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.
19
Usuyaliwe: Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.
20
Futhi ningakhathaleli impahla yenu , ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.
21
Enze njalo amadodana ka -Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.
22
Kubo bonke , kwaba yilowo nalowo , wanika izingubo zokuphendulela ; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela.
23
Kuyise wathuma kanje : izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi , zithwesiwe amabele , nesinkwa, nomphako kayise endleleni.
24
Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: Ningaxabani endleleni.
25
Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise.
26
Bamtshela bathi: UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe . Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo.
27
Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa.
28
Wathi u -Israyeli: Kwanele; uJosefa indodana yami usekhona ; ngizakuhamba ngimbone ngingakafi.