Skip to Content

UGenesise Isahluko 46

1 U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe , wafika eBeri Sheba , wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka. 2 UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono yasebusuku, wathi: Jakobe, Jakobe! Wathi: Ngilapha. 3 Wayesethi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo ; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu. 4 Mina ngiyakwehla , ngiye nawe eGibith e; impela ngizakubuye ngikukhuphule futhi . UJosefa uyakubeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho. 5 UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo , nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala. 6 Bathatha i mfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani , bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye. 7 Amadodana akhe , namadodana amadodana akhe , namadodakazi akhe , namadodakazi amadodana akhe , nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe. Inzalo kaJakobe 8 Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe , uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe. 9 Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi. 10 Amadodana kaSimeyoni : ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani. 11 Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari. 12 Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no -Onani bafela ezweni laseKhanani . Amadodana kaPher esi ayengoHesironi noHamule. 13 Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni. 14 Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli. 15 Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe ; yonke imiphe fumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu. 16 Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no- Arodi, no-Areli. 17 Amadodana ka -Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli. 18 Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha. 19 Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini. 20 KuJosefa kwazalelwa ezwe ni laseGibithe oManase no -Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni. 21 Amadodana kaBenjamini : ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida. 22 Yilawo angamadodana kaRahel i azalelwa wona uJakobe ; bonke abantu babe yishumi nane. 23 Amadodana kaDani: nguHushimi. 24 Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi. 25 Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe ; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa. 26 Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe , ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe , bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha. 27 Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili ; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa. UJakobe uhlangana noJosefa 28 Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni. 29 UJosefa wayesebophela inqola yakhe , wakhuphuka ukumhlangabeza u - Israyeli uyise eGosheni ; wazibonakalisa kuye , wawa entanyeni yakhe , wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside. 30 U-Israyeli wayesethi kuJosefa : Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona. 31 UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise : Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro , ngithi kuye : Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi. 32 Lawa madoda angabelusi bezimvu , ngokuba ayengamadoda emfuyo ; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho. 33 Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: Uyini umsebenzi wenu, 34 anothi: Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni , ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.