UGenesise Isahluko 47
1
UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo , nezinkomo zabo , nakho konke abanakho , bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.
2
Phakathi kwabafowabo wathatha amadoda ayisihlanu , wawabeka phambi kukaFaro.
3
UFaro wayesethi kubafowabo : Uyini umsebenzi wenu na ? Bathi kuFaro : Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.
4
Bathi kuFaro: Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho , lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani ; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.
5
Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: Uyihlo nabafowenu beze kuwe;
6
izwe laseGibithe lisebusweni bakho ; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke , ubahlalise ezweni laseGosheni ; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.
7
UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise , wambeka phambi kukaFaro ; uJakobe wambusisa uFaro.
8
Wathi uFaro kuJakobe: Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?
9
UJakobe wathi kuFaro : Izinsuku ze minyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu ; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami , azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.
10
UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.
11
UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo , wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke , izwe likaRamsese, njengalokho uFaro ebayalile.
12
UJosefa wamondla uyise , nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo. Izwe laseGibithe nabantu abakulo babekwa phansi kukaFaro nguJosefa
13
Ukudla kwakungekho ezweni lonke , ngokuba indlala yayinzima kakhulu ; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.
14
UJosefa waqoqa yonke imali eyatholakala ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani ngamabele ababewathengile ; uJosefa wayiyisa imali endlini kaFaro.
15
Isiphelile imali ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani , bonke abaseGibithe beza kuJosefa , bathi: Siphe ukudla ; siyakufelani phambi kwakho na? Ngokuba isiphelile imali.
16
Wayesethi uJosefa : Lethani izinkomo zenu ; ngizakuninika ngezinkomo zenu, uma imali ingekho.
17
Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa ; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.
18
Usuphelile lowo mnyaka , beza kuye ngomnyaka wesibili , bathi kuye : Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile ; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi ; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu.
19
Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na ? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu ; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.
20
UJosefa wamthengela uFaro izwe lonke laseGibithe , ngokuba bonke abaseGibithe bathengisa ngamasimu abo , lokhu indlala yayinzima phezu kwabo; izwe lase liba ngelikaFaro.
21
Abantu wabayisa emizini , ebasusa komunye umncele wezwe laseGibithe kwaze kwaba komunye umncele walo.
22
Yizwe labapristi kuphela angalithenganga , ngokuba abapristi babethole isabelo kuFaro , badla isabelo sabo abapha sona uFaro ; ngalokho abathengisanga ngezwe labo.
23
UJosefa wayesethi kubantu : Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu ; nansi imbewu yenu , nize nihlwanyele emhlabathini.
24
Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu , izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu , nokudla kwenu nokwabendlu yenu , nokudla kwezingane zenu.
25
Base bethi : Usisindisile; masifumane umusa emehlweni enkosi , sibe yizinceku zikaFaro.
26
UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu ; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.
27
U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni ; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.
28
UJakobe wahlala ez weni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe , zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.
29
Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u -Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa , wathi kuye : Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami , ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.
30
Kepha lapho sengilele kobaba , uze ungikhiphe eGibithe , ungimbele ethuneni labo. Wathi: Ngizakwenza njengezwi lakho.
31
Wayesethi kuye : Funga kimi . Wayesefunga kuye . U-Israyeli wakhothama esihlokweni sombhede.