UHezekeli Chapter 47
1
Wayesengibuyisela emnyango wendlu ; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumal anga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi , ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.
2
Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho , wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle , elibheke en dleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene.
3
Lapho umuntu esephuma , eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe , walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.
4
Wabuye walinganisa inkulungwane , wangidabulisa emanzini , amanzi efinyelela emadolweni . Walinganisa futhi inkulungwane , wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
5
Wayesebuye walinganisa inkulungwane ; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulil e, angamanzi okuhlamba , angumfula ongenakudatshulwa.
6
Wathi kimi : Ndodana yomuntu , usubonile na ? Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.
7
Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula , ngalapha nangalapha.
8
Wayesethi kimi: Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga , ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo.
9
Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili , kube yizinhlanz i eziningi kakhulu , ngokuba esefike khona lawa manzi , awolwandle ayakuphiliswa , kuphile konke, lapho umfula ufika khona.
10
Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e -Eni Gedi kuze kube se - Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.
11
Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti.
12
Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke , ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele ; izithelo zayo ziyakuba ngukudla , amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa. Imikhawulo yezwe elingcwele
13
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
14
Niyakulidla, kube yilowo nalowo , ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.
15
Nanku umkhawulo wezwe : ohlangothini lwasenyakatho , kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi,
16
naseHamati, naseBerotha, naseSibirayimi eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati , naseHaseri eliphakathi elingasemkhawulweni waseHawurana.
17
Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati . Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.
18
Uhlangothi lwasempumalanga , kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwa -Israyeli, luyakuba yiJordani; lusukela kulo mkhawulo , luze lube selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga.
19
Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari , luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.
20
Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu , kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati . Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.
21
Niyakuzahlukanisela leli zwe ngokwezizwe zakwa-Israyeli.
22
Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho , libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu . Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwab antwana bakwa -Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
23
Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona , nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.