Skip to Content

UHezekeli Isahluko 46

1 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Isango legceke elingaphakathi , elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza , kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa , livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga. 2 Isikhulu siyakungen a ngendlela yompheme wesango ngaphandle , sime ngasensikeni yesango , abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula , sikhuleke ngasembundwini wesango ; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa. 3 Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga. 4 Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici; 5 umnikelo wempuphu uyakuba yi -efa ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa. 6 Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici , namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici. 7 Siyakulungisa umnikelo wempuphu : i-efa ngenkunzi ne -efa n genqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa. 8 Lapho isikhulu singena , siyakungena ngendlela yompheme wesango , siphume futhi ngendlela yawo. 9 Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngen dlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu ; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho ; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo , kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo. 10 Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo ; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye. 11 Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi -efa ngenkunzi ne -efa ngenqama , ngamawundlu ube njengamandla aso , kube yihini lamafutha nge-efa. 12 Lapho isikh ulu siyakulungisa umnikelo wesihle , umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova , siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga , silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha , bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa. 13 Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo. 14 Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo , inxenye yesithupha ye-efa nenxenye yesithathu yehini lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade. 15 Bayakulungisa-ke iwundlu , nomnikelo wempuphu , namafutha ekuseni njalo, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke. 16 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa. 17 Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso , siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka , bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso. 18 Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo ; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe. 19 Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi , abheke ngasenyakatho ; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga. 20 Wathi kimi: Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu. 21 Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle , wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala. 22 Ezingosini z ozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo , ubude buyizingalo ezingamashumi amane , nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye. 23 Phakathi kwawo nxazonke , nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke. 24 Wathi kimi: Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.