Skip to Content

UHoseya Isahluko 4

1 Yizwani izwi likaJehov a nina bantwana bakwa -Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni , lokhu kungekho qiniso , namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni. 2 Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi. 3 Ngalokho izwe liyakudabuka , bonke abakhe kulo badang ale kanye nezilwane zasendl e nezinyoni zezulu ; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa. 4 Makungabikho ophikisana nomunye , asole omunye ; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi. 5 Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku ; nonyoko ngiyakumbhubhisa. 6 Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi ; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena , ungabi ngumpristi wami ; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho. 7 Njengokwanda kwabo , kanjalo b ona kimi ; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo. 8 Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo. 9 Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi : ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo. 10 Bayakudla, bangasuthi k odwa; bayakufeba, bangandi kodwa , ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova. 11 Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo. 12 Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele , ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba. 13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki nemipopula nemitherebinte , ngokuba umthunzi wakho muhle ; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga. 14 Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi , ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa. 15 Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: Kuphila kukaJehova. 16 Ngokuba u -Israyeli unenkani njengesithole ; uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na? 17 U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke. 18 Ukuphuza kwabo sekuphelile ; bayafeba nokufeba ; izikhulu zabo zithandisisa ihlazo. 19 Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.