Skip to Content

UHoseya Chapter 5

1 Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka -Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi , ngokuba ukwahlulela kukinina , lokhu nanilugibe eM ispa nenetha elenekwe eThabori. 2 Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo , kepha ngingumlayi wabo bonke. 3 Ngiyamazi mina u-Efrayimi, u-Israyeli akafihlekile kimi , ngokuba manje , Efrayimi, ufebile, u-Israyeli uzingcolisile. 4 Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi. 5 Ukuzidla kuka -Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe ; o-Israyeli no -Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo. 6 Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zab o ukuyofuna uJehova ; kepha abayikumfumana; umonyukile kubo. 7 Bamkhohlisile uJehova , ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi ; manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo. 8 Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini! 9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa , ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo. 10 Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi. 11 U-Efrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize. 12 Mina-ke senginjengenundu ku -Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda. 13 Lapho u -Efrayimi abona isifo sakh e noJuda isilonda sakhe , u-Efrayimi waya e -Asiriya, wathumela enkosi ni uJarebi ; kepha ingeniphulukise , ayinakusipholisa isilonda senu. 14 Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku -Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda ; mina yebo , mina ngiyakudwengula , besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo. 15 Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami , baze bazithwese icala labo , bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.