Skip to Content

UJeremiya Isahluko 10

1 Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli. 2 Usho kanje uJehova , uthi: Ningayifundi indlela yabezizwe , ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba. 3 Ngokuba imikhuba yabantu iyize , lokhu kugawulwa umuthi ehlathini ; ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo. 4 Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide , bawubethela ngezipikili nangezando ukuba ungazamazami. 5 Ungumsebenzi okhandiweyo , awukhulumi; uyathwalwa nokuth walwa, ngokuba awuhambi . Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi , nokuhle awunakukwenza. 6 Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe. 7 Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonk e abahlakaniphileyo bezizw e nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe. 8 Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke ; ngukulaya kwezithombe ; kungumuthi nje, 9 nezingcwecwe zesiliv a ezilethwe zivela eTharishish i negolide lase -Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi , kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke. 10 Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso , unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade ; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama , izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe. 11 Niyakusho kanje kubo, nithi: Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu. 12 Wawenza umhlaba ngamandla akhe , walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu. 13 Lapho elizwakalisa izwi lakhe , kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba , enzele imvula unyazi , awukhiphe umoya endlini yengcebo. 14 Bonke abantu bayiziphukuphuku , abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo , ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo. 15 Ziyize, umsebenzi wenkohliso ; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha. 16 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo , ngokuba nguye obumbile konke ; u- Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe. Ukumenyezelwa kokuthunjwa 17 Qoqa umshuqulo wakho ezweni wena ohlezi ekuvinjezelweni. 18 Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakubazwiba abakhiley o ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe. 19 Maye kimina ngenxa yokulimala kwami ! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala. 20 Itende lami lichithakele , zonke izintambo zami zigqabukile ; abantwana bami basukile kimi , kabasekho; kasekho owokwelula itende lam i nowokumisa izilenge zami. 21 Ngokuba abelusi b ayiziphukuphuku, abamfunanga uJehova ; ngalokho abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile. 22 Bheka, kusondela izwi lombiko , nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka. 23 Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo ; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo. 24 Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho. 25 Thulula ukufutheka kwakho phez u kwabezizwe abangakwaziy o naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho , ngokuba bamdlile uJakobe ; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.