UJeremiya Chapter 9
1
Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi , namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bam i imini nobusuku.
2
Sengathi nga nginendawo yokulal a kwezihambi ehlan e ukuba ngishiye abantu bami , ngisuke kubo , ngokuba bangabaphingi bonke , umhlangano wabakhohlisi.
3
Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga , abaqinelanga iqiniso ezweni ; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi, usho uJehova.
4
Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe , ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela , nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.
5
Yilowo nalowo uyakh ohlisa umakhelwane wakhe , abakhulumi iqiniso ; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga , bazikhathaza ngokwenza okubi.
6
Uhlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi, usho uJehova.
7
Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje , uthi: Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njan i ngenxa yendodakazi yabantu bami na?
8
Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo , lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo , kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
9
Angiyikubahambela ngalokhu na? usho uJehova . Umphefumulo wam i awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
10
Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila , namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo , kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.
11
Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwab a nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.
12
Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu , okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?
13
UJehova wathi: Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,
14
kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.
15
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane , baphuze amanzi enyongo.
16
Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise , ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.
17
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba bafike, nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike,
18
basheshe basikhihlele isililo , ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi , nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.
19
Ngokuba izwi lokukhala lizwakal a livela eSiyoni, lithi: Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu , ngokuba silishiyile izwe , ngokuba badilizile izindlu zethu.
20
Yebo, zwanini izwi likaJehov a nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe , nifundise amadodakazi enu ukukhala , kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.
21
Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu , kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.
22
Khuluma! Usho k anje uJehova , uthi: Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.
23
Usho kanje uJehova , uthi: Ohlakaniphileyo makangazibong i ngokuhlakanipha kwakhe , neqhawe malingazibong i ngobuqhawe balo , nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,
24
kepha ozibongayo makazibong e ngalokhu ukuthi uyangiqonda , angazi ukuthi nginguJehov a owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni , ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.
25
Bheka, izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,
26
iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane , ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.