Skip to Content

UJeremiya Isahluko 16

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo. 3 Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi: 4 Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni. 5 Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Ungangeni endlini yesililo , ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu , usho uJehova, kanye nomusa nobumnene. 6 Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe , abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo; 7 abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo , bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina. 8 Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze. 9 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti. 10 Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu on ke lawa mazwi , basho kuwe ukuthi: UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na ? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esone ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na? 11 Usuyakusho kubo ukuthi : Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile , usho uJehova, balandela aba nye onkulunkulu , babakhonza, bakhuleka kubo , bangishiya, abagcinanga umthetho wami, 12 nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli, 13 ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe , niye ezweni eningalaziyo , nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku , ngokuba angiyikuniphatha ngesihe. 14 Ngalokho bheka , izinsuku ziyeza , lapho kungasayikuthiwa : Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, 15 kepha: Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa -Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona ; kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise. 16 Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi , usho uJehova , babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi , babazingele kuzo zonke izintaba , nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa. 17 Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo ; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami. 18 Kuqala ngi yakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo , ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo , baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo. 19 Jehova, mandla ami nenqaba yami , siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe a bezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba , bathi: Obaba badlile ifa lamanga kuphela , okuyize, engekho kukho insizakalo. 20 Umuntu angazenzela onkulunkulu na? Labo abasibo onkulunkulu. 21 Ngalokho bheka , ngiyakubazisa, ngibazise ngalesi sikhath i isandla sami namandla ami, baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.