UJeremiya Chapter 17
1
Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba ; ngesihloko sedayimani siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama- altare enu,
2
abantwana babo besakh umbula ama -altare abo nawo -Ashera babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.
3
Intaba yami yasendle , impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.
4
Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona , ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.
5
Usho kanje uJehova , uthi: Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu , ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.
6
Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane , angaboni ukuthi kuyeza okuhle , uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane , ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.
7
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.
8
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini , ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza , angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu , anganqamuki ukuthela izithelo.
9
Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?
10
Mina Jehova ngivivinya inhliziyo , ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.
11
Intendele efukamela ingazalanga , unjalo owenza ingcebo ngokungalungi ; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.
12
Indawo yendlu yethu engcwel e iyisihlalo sobukhosi esinenkazimul o esiphakemeyo.
13
O, themba lika -Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha ; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.
14
Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.
15
Bheka, bathi kimi: Liphi izwi likaJehova na? Malize phela.
16
Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela , futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi ; okwaphuma emlonyeni wam i kwakuphambi kobuso bakho.
17
Ungabi luvalo kimi; uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.
18
Mababe namahloni abangizingelayo , kepha mina mangingabi nawo ; baphele amandla bona , mina ngingaphe li wona kodwa ; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo. Isabatha
19
Usho kanje kimi uJehova, uthi: Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda , aphuma ngalo futhi , nasemasangweni onke aseJerusalema,
20
uthi kuwo : Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda , noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;
21
usho kanje uJehova , uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha , ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;
22
futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha , ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,
23
nakuba bengalalelanga , bengabekanga izindlebe , kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.
24
Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela , usho uJehova , ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha , nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,
25
kungene ngamasango alo muzi amakhosi nezikhulu a bahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahhashi , bona nezikhulu zabo , abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nalo muzi uyakuhlala kuze kube phakade.
26
Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa , nemihlatshelo, neminikelo yempuphu , nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.
27
Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha , ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo , uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.