Skip to Content

UJeremiya Chapter 28

1 Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine , ngenyanga yesihlanu , uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni , wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi: 2 Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngilaphulile ijoka lenkosi yaseBabele. 3 Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele, 4 ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele , usho uJehova, ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele. 5 Kepha umprofethi uJeremiya wathi kumprofethi uHananiya phambi kwabapristi, nabantu bonke ababemi endaweni kaJehova, 6 yebo, umprofethi uJeremiya wathi : Amen, makenze njalo uJehova , awaqinise amazwi akho owaprofethayo , kubuyiswe izitsha zendlu k aJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo. 7 Kepha mawuzwe leli zwi engilikhuluma ezindlebeni zakho nasezindlebeni zabantu bonke ngokuthi: 8 Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nan gemibuso eminingi , ngezimpi, nangokubi, nangesifo. 9 Umprofethi oprofetha ngokuthula uyakwaziwa , lapho seligcwalisiwe izwi lomprofethi, uma engumprofethi uJehova amthumileyo impela. 10 Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula. 11 UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari , inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke . Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe. 12 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremi ya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi: 13 Hamba usho kuHananiya , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo. 14 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele ; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle. 15 Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofet hi: Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga , kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga. 16 Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova. 17 Wafa-ke uHananiya umprofethi ngawona lowo mnyaka ngenyanga yesikhombisa.