UJeremiya Chapter 29
1
Nanka amazwi encwadi uJeremiya , umprofethi, ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo , nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema , wabayisa eBabele,
2
sebesukile uJekoniya inkosi , nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema , nezinyanga zomsebenzi , nabakhandi eJerusalema,
3
ngesandla sika-Eleyasa indodana kaShafani noGemariya indodana kaHilikiya abathunywa nguSedekiya , inkosi yakwaJuda , eBabele kuNebukadinesari inkosi yaseBabele, athi:
4
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusa lema, bayiswe eBabele , uthi:
5
Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo;
6
thathani abafazi , nizale amadodana namadodakazi ; thathelani amadodana enu abafazi , nendise amadodakazi enu emadodeni ukuba azale amadodana namadodakazi, nande khona, ninganciphi.
7
Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona , niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.
8
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu , ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.
9
Ngokuba baprofetha amanga egameni lami ; angibathumanga, usho uJehova.
10
Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele , ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo.
11
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani , usho uJehova , imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.
12
Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.
13
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
14
Ngiyakufunyanwa yinina , usho uJehova , ngibuyise ukuthunjwa kwenu , nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, usho uJehova, nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.
15
Ngokuba nishilo ukuthi: UJehova usivusele abaprofethi eBabele.
16
Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi , abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni,
17
yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.
18
Ngiyakubalandela ngenkemba , nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba , babe yisiqalekiso , nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,
19
ngokuba abawalalelanga amazwi ami , usho uJehova , engawathuma kubo ngezinceku zami abaprofethi , ngibathuma njalonjalo ; yebo, kanilalelanga, usho uJehova.
20
Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema.
21
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kin i egameni lami , uthi: Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu.
22
Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: UJehova makakwenze ukuba ube njengoSede kiya no- Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,
23
ngokuba benzile ubuwula kwa -Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo ; yimi engikwaziyo, ngingufakazi, usho uJehova. Izwi kuShemaya
24
KuShemaya waseNehelamu uyakusho ukuthi:
25
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba uthumile egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya , umpristi, nakubo bonke abapristi, ngokuthi:
26
UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyay o nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini nasemaketangeni;
27
manje awumsolanga ngani uJeremiya wase-Anathoti, oprofetha kini na?
28
Ngokuba ngalokho uthumile kithi eBabele , wathi: Kuse kude ; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.
29
UZefaniya umpristi wayifunda le ncwadi ezindlebeni zikaJeremiya umprofethi.
30
Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi:
31
Thuma kubo bonke abathunjwa , uthi: U sho kanje uJehova ngoShemaya waseNehelamu, uthi: Ngenxa yokuba uShemaya eprofethile kini , mina ngingamthumile, wanenza ukuba nethembe emangeni,
32
ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe ; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami , usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.