UJeremiya Chapter 30
1
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
2
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.
3
Ngokuba bheka , izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o -Israyeli noJuda, usho uJehova, ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.
4
Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda.
5
Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Sizwile izwi lokuthuthumela , elokwesaba kungengelokuthula.
6
Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?
7
Maye, lukhulu lolo suku , alukho olunjengalo ! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.
8
Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,
9
kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo , noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.
10
Ungesabi wena Jakobe , nceku yami , usho uJehova , U ngapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka , ngiyakukusindisa usekude , nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.
11
Ngokuba mina nginawe , usho uJehova , U kuba ngikusindise , ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleley o zonke izizwe engikuhlakazele kuzo , kepha wena angiyikukuqeda , kodwa ngiyakukulay a ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.
12
Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa, nesilonda sakho sinzima.
13
Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe; umuthi wokuphilisa awunawo.
14
Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe , azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya , ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.
15
Ukhalelani ngokulimala kwakh o ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.
16
Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa , nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana , nabakuphangayo bayakuphangwa , nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.
17
Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe , ngelaphe izilonda zakho , usho uJehova, ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiwey o neSiyoni elingafunwa muntu.
18
Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.
19
Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo ; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.
20
Abantwana b akhe bayakuba njengakuqala , ibandla lakhe lime phambi kwami, ngijezise bonke abamcindezelayo.
21
Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye , nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe ; ngiyakumsondeza, asondele kimi , ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na? usho uJehova.
22
Niyakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu.
23
Bheka, isivunguvungu sikaJehova ! Ukufutheka kwakhe kuphumile , isivunguvungu esichithayo; siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.
24
Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyiku buya, aze enze , aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.