Skip to Content

UJeremiya Chapter 31

1 Ngaleso sikhathi , usho uJehova , ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami. 2 Usho kanje uJehova , uthi: Abantu abasele enkembeni bafumana umusa ehlane, lapho u-Israyeli eya khona ukuthola ukuphumula kwakhe. 3 UJehova wabonakala kimi ekude , wathi: Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa. 4 Ngiyakubuye ngikwakhe , wakheke wena ntombi ka -Israyeli; uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho, uphumele ekusineni kwabathokozayo. 5 Uyakubuye utshale izivin i ezintabeni zaseSamariya; abatshali bayakuzitshala, badle izithelo zazo. 6 Ngokuba kuyakuba khona usuk u abayakumemeza ngalo abalind i entabeni yakwa-Efrayimi ukuthi: Sukani, sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu. 7 Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Hlabelelani kuJakobe ngokujabula , nimemezele inhloko yezizwe , nizwakalise, nidumise nithi : Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli. 8 Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho , ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga , abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye , babuyele lapha beyibandla elikhulu. 9 Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo , ngokuba nginguyise ka - Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami. 10 Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi: Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhla mbi wakhe. 11 Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye. 12 Bayakufika, bahlabelele ngokujabul a ekuphakameni kwaseSiyoni , bagobhozele kukho okuhle kukaJehova , yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane e zimvu nawezinkomo , umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi. 13 Khona intombi iyakuthokoza ekusineni , nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwab o kube ngukujabula , ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi. 14 Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle kwami, usho uJehova. 15 Usho kanje uJehova , uthi: Izwi liyezwakala eRama , ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe ; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho. 16 Usho kanje uJehova , uthi: Bamba izwi lakho , ungakhali, amehlo akho angabi nazinyembezi , ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo , usho uJehova, babuye ezweni lesitha. 17 Kukhona ithemba lokugcina kwakho , usho uJehova ; abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo. 18 Ngimzwile nokumuzwa u -Efrayimi ezidabukela , ethi: U ngishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka ; ngibuyise ukuba ngibuye , ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami. 19 Impela lapho sengibuyisiwe , ngazisola, nalapho ngifundisiwe, ngashaya ithanga lami, ngaba namahloni, yebo, ngajabha, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami. 20 U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye , ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela ; ngiyakuba nesihe impela kuye, usho uJehova. 21 Zibekele amatshe , zimisele iziqondiso zendlela ; yibeke inhliziyo yakho emendweni, indlela owahamba ngayo; buya, ntombi yakwa-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho. 22 Koze k ube nini uhambahamb a wena ndodakazi ehlubukayo na ? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda. 23 Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo , lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga , ntaba yobungcwele. 24 UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye , abalimi nabahamba nemihlambi. 25 Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi. 26 Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi. 27 Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakuhlwanyela indlu ka - Israyeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezinkomo. 28 Kuyakuthi njengalokhu ngibal indile ukuba ngibasiphule , ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale, usho uJehova. 29 Ngalezo zinsuku abasayikusho ukuthi : Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi. 30 Ngokuba yilowo nalowo uyakufa ngobubi bakhe ; bonke abantu abazidla izithelo zomvini ezimuncu amazinyo abo ayakuba buthuntu. 31 Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, 32 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe , isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo, usho uJehova. 33 Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka -Israyeli emva kwalezo zinsuku , usho uJehova: ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami; 34 abasayikufundisana, kube yilowo na lowo umakhelwane wakhe , kube yilowo nalowo umfowabo , ngokuthi: Yazi uJehova , ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo , usho uJehova , ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula. 35 Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini , nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi: 36 Uma lezi zimiso zisuka ebusweni bami , usho uJehova , yilapho inzalo yakwa-Israyeli iyakuphela , ingabe isaba yisizwe phambi kwam i kuze kube nanini. 37 Usho k anje uJehova , uthi: Uma izulu lilinganiswa phezulu , nezisekelo zomhlaba zivivinywa ngaphansi , khona mina ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli ngakho konke abakwenzileyo, usho uJehova. 38 Bheka, izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho uJehova eyakwakhelw a umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube seSangweni Lasegumbini. 39 Umucu wokulinganisa usezakuphuma , ufinyeleliswe uze uqondane negquma laseGarebi, ujike uze ufike eGowa. 40 Sonke isigodi sezidumbu , nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube semfudlaneni iKidroni , kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga kuyakuba ngcwele kuJehova , kungabe kusasis hulwa, kubhidlizwe kuze kube phakade.