UJeremiya Chapter 35
1
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:
2
Yiya endlini yamaRekabi , ukhulume kuwo , uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo ayo, uwaphuzise iwayini.
3
Ngase ngithatha uJahazaniya indodana kaJeremiya kaHabasiniya nabafowabo, nawo onke amadodana akhe, nayo yonke indlu yamaRekabi,
4
ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.
5
Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekabi izimbizana ezigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: Phuzani iwayini.
6
Kepha bathi : Asiyikuphuza iwayini , ngokuba uJonadaba , indodana kaRekabi ubaba , wasiyala wathi : Aniyikuphuza iwayini , nina namadodana enu, kuze kube nini,
7
futhi ningakhi indlu , ningahlwanyeli imbewu , ningatshali isivini , ningabi naso, ngokuba niyakuhlala emat endeni zonke izinsuku zenu ukuba nihlale izinsuku eziningi lapho nigogobele khona.
8
Sililalele izwi likaJonadaba indodana kaRekabi ubaba kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi iwayini zonke izinsuku zethu , thina nawomkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu,
9
singakhi izindlu ukuba sihlale kuzo ; futhi isivini , nensimu, nembewu asinakho.
10
Kepha sihlale ematendeni , salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho.
11
Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: Siyakuya nokuya eJerusalema , sisuke empini yamaKaledi nasempini yama - Aramu. Sase sakha-ke eJerusalema.
12
Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi:
13
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJ erusalema, uthi: Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na? usho uJehova.
14
Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.
15
Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi , ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , nenze imisebenzi yenu ibe mihle , ningalandeli aban ye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo . Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.
16
Njengokuba amadodana kaJonadaba indodana kaRekabi egcinile umyalo kayise awayala ngawo, kepha laba bantu bengangilalelanga.
17
Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti , uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo , ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.
18
UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi : Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,
19
ngalokho us ho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: UJonadaba indodana kaRekabi akayikunqunyelwa muntu wokuma phambi kwami kuze kube phakade.