Skip to Content

UJeremiya Isahluko 36

1 Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, leli zwi lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi: 2 Zithathele umqulu wencwadi , ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo -Israyeli nangoJuda , nangazo zonke izizwe , kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe , kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla. 3 Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye , kube yilo wo nalowo endleleni yakhe embi , ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo. 4 UJeremiya wayesebiza uBaruki indodana kaNeriya ; uBaruki waloba emqulwini wencwadi onke amazwi kaJehova ayewakhulume kuye , ewathatha emlonyeni kaJeremiya. 5 UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova. 6 Hamba wena , ufunde emqulwini owulobileyo , uthathe emlonyeni wami , amazwi kaJehova ezindl ebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo. 7 Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , ngokuba inkulu intukuthel o nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu. 8 UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova. 9 Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye bonke abantu baseJerusalema nabo bonke abantu ababevela emizini yakwaJuda beza eJerusalema , bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova. 10 UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni l ikaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke. 11 UMikhaya indodana kaGemariya kaShafani wezwa onke amazwi kule ncwadi, 12 wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali ; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu , u-Elishama umbhali , noDelaya indodana kaShemaya , no- Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu. 13 UMikhaya wazitshela onke amazwi ayewezwile , lapho uBaruki eyifunda incwadi ezindlebeni zabantu. 14 Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki , zathi: Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho , uze nawo . UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo. 15 Zathi kuye : Ake uhlale phansi , ufunde ezindlebeni zethu . UBaruki wayesefunda ezindlebeni zazo. 16 Kwathi lapho sezizwile onke amazwi , zaphendukelana ngokwesaba, kwaba yileso naleso kumakhelwane waso , zathi kuBaruki : Siyakuyitshela nokuyitshela inkosi lawa mazwi. 17 Zambuza uBaruki, zathi: Ake usitshele ukuthi wawaloba kanjani onke lawa mazwi, uwathatha emlonyeni wakhe, na? 18 UBaruki wathi kuzo : Wawaphumisela onke lawa mazwi kimi ngomlomo wakhe, ngawaloba encwadini ngoyinki. 19 Zase zithi izikhulu kuBaruki : Hamba ucashe, wena noJeremiya , kungazi muntu lapho nikhona. 20 Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi. 21 Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awuland e umqulu ; wawukhipha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wawufunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini. 22 Inkosi yayihlezi endlini yobusika ngenyanga yesishiyagalolunye , iziko elivuthayo liphambi kwayo. 23 Kwathi lapho uJehudi esefundile amakhasi amathathu noma amane , yawasika ngommese womlobi, yawaphonsa emlilweni oseziko, waze waphela wonke umqulu emlilweni oseziko. 24 Azesabanga, aziklebhulanga izingubo zazo , inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi. 25 O-Elinathani noDelaya noGemariya babekhulekile enkosini ukuba ingashisi umqulu, kepha ayibezwanga. 26 Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi , noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka -Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla. 27 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya , inkosi isishisile umqulu namazwi awaloba uBaruki, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, lithi: 28 Buya, uzithathele omunye umqulu , ulobe kuwo onke amazwi okuqala ayesemqulwini wokuqala, awushisa uJehoyakimi inkosi yakwaJuda. 29 NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi : Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe , yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na? 30 Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda , uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide ; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku. 31 Ngiyakumjezisa yena nenzalo yak he nezinceku zakhe ngokona kwabo , ngehlisele phezu kwabo , naphezu kwabakhileyo eJerusalema , naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikukhulume ngabo , bengalalelanga kodwa. 32 UJeremiya wayesethatha omunye umqulu , wawunika uBaruki umbhali , indodana kaNeri ya, owaloba kuwo , ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo ; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.