UJeremiya Chapter 40
1
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo b onke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele.
2
Induna yabalindi yamthatha uJeremiya , yathi kuye: UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo;
3
usekulethile uJehova, wakwenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, kanililalelanga izwi lakhe; ngalokho le nto inehlele.
4
Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho . Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele , woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele , kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho ; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.
5
Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.
6
Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.
7
Zonke izinduna zempi ezazisendle , zona nabantu bazo , sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka -Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa , nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele,
8
zaya kuGedaliya eMispa : u-Ishmayeli indodana kaNethaniya , noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya , noSeraya indodana kaThanihumeti , namadodana ka -Efayi waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha , bona nabantu babo.
9
UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo , wathi: Ningesabi ukukhonza amaKaledi : hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.
10
Bhekani, mina ngiyakuhlala eMispa, ngiwakhonze lawo maKaledi ayakufika kithina, kepha nina , buthani iwayin i, nezithelo, namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.
11
Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi , naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwa Juda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo,
12
bonke abaJuda babuya ezindaweni zonke ababexoshelwe kuzo , bafika ezweni lakwaJuda kuGedaliya eMispa, babutha kakhulu iwayini nezithelo.
13
UJohanani ind odana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazisendle beza kuGedaliya eMispa,
14
bathi kuye : Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa -Amoni uthume u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na ? Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.
15
UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese , wathi: Mangihambe ngimbulale u -Ishmayeli indodana kaNethaniya , kungaziwa muntu ; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?
16
Kepha uGedaliya indodana ka -Ahikamu wathi kuJohanani indodana kaKhareya: Awuyikwenza le nto, ngokuba ukhuluma amanga ngo-Ishmayeli.