Skip to Content

UJeremiya Isahluko 41

1 Kwathi ngenyanga yesikhombisa u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka - Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka -Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa. 2 Wayesesuka u -Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayi shumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani ngenkemba , bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni. 3 U-Ishmayeli wabulala nabo bonke abaJuda ababe naye uGedaliya eMispa , namaKaledi, amadoda empi ayefunyanwa khona. 4 Kwathi ngosuku lwesibili esembulele uGedaliya, kungaziwa muntu, 5 kwafika amadoda angamashumi ayisis hiyagalombili evela eShekemi , naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe , bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova. 6 U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubah langabeza, ehamba ekhala . Kwathi lapho esehlangana nabo , wathi kubo : Ngenani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu. 7 Kwathi sebengenile phakathi komuzi , u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wababulala, wabalahla emgodini, yena namadoda ayenaye. 8 Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku -Ishmayeli, athi: Ungasibulali, ngokuba sinokolweni , nebhali, namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle. Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo. 9 Umgodi u -Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u -Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo. 10 U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa , amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa , uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka -Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana k aNethaniya wabathumba , wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni. 11 Kepha lapho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye sebezwi le konke okubi u -Ishmayeli indodana kaNethaniya abekwenzile, 12 bathatha bonke abantu, baya ukulwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamfumana ngasemanzini amaningi aseGibeyoni. 13 Kwathi lapho bonke abantu ababe no -Ishmayeli bembona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, bathokoza. 14 Base bephenduka bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa, babuya, baya kuJohanani indodana kaKhareya. 15 Kepha u -Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni. 16 UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku -Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa , yena esembulele uGedaliya indodana ka -Ahikamu, amadoda empi , nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni. 17 Bahamba, bahlala endaweni yokuphumula eKimihamu elingaseBetlehema ukuba bahambe, bangene eGibithe 18 ngenxa yamaKaledi , ngokuba babewesaba , lokhu u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.